Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

 

Izibongo eziphuma kuMntungwa ka Mbulazi

Izibongo eziphuma kuMntungwa ka Mbulazi Nina beSilo ake sibheke izibongo eziphuma kuMntungwa ka Mbulazi.Amadodana kaMntungwa ka Mbulazi agqama kakhulu emlandweni uMabaso kanye noKhumalo.UMabaso ka Mntungwa uzala abakwaMabaso,bese uKhumalo ka Mntungwa yena azale abakwaKhumalo.Enye indodana kaMbulazi kwakunguMthiyane ozala abantu baseBaThiyaneni,esingabala kubo abakwaSokhulu,abakwaMthiyane,abakwaZondo kanye nabanye.Uzalo lukaMthiyane lwasondelana kakhulu nozalo lukaKhumalo,ngenkathi abakwaKhumalo bezinze eNondweni aBathiyane basuka kwelaseNondweni bayokwakha ngaseMfolozi emnyama lapho kwakhe kho... qhubeka ufunde »

Umlando ngo Andries Hendrik Potgieter

Umlando ngo Andries Hendrik Potgieter Nina beSilo lona osesithombeni ngu Andries Hendrik Potgieter ibhunu elamisa kabi kakhulu uMawela wakithi eNdinaneni.AbaThwakazi babelibiza ngokuthi linguPoti.Kusuke kushiwo lona ezibongweni zikaMawela uma kuthiwa “wamudla uPoti kuMaQadase”.AmaQadase kushiwo ... qhubeka ufunde »

UNoju wakwaKhumalo

UNoju wakwaKhumalo Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela!UDunjwa yedwa limkhandanisile!ISilo uShaka,iSilo sakithi kwaBulawayo.Ake sibheke iqhaza lensizwa yakwaSokhumalo,uNoju owabe eyiNhloli yamakhosi amaNguni.UNoju kuthiwa wayakhe kwaNongoa.Ngokwencwadi ka Baba uM... qhubeka ufunde »

Umlando ngeButho leMpande

Ibutho leMpande MaNtungwa amahle nina abeSinambathi esagxabha senyela eManyandane!USibopha sishomo singumquba kubo kwaSokhumalo.Nina beSilo ake ngikhe phezulu umlando webutho le Mpande.Ibutho leMpande labuthwa yinkosi uMzilikazi.Umuzi elalihlala kuwo wawubizwa ngokuthi kuseMpandeni.Inkosi uMzilikazi... qhubeka ufunde »

Umlando ngoHlangabeza ka Mzilikazi

  UHlangabeza ka Mzilikazi MaNtungwa amahle nina abakaMzilikazi ka Mashobana owazihlaba zema ngomgobo kwaGqokli!USinhlanhlatha ekhafula lo  onjengeMbabalala.Nina beSilo ake sibheke umlando ngendodana yenkosi uMzilikazi uHlangabeza.UHlangabeza wayezalwa uNdlunkulu uLomawaka Nxumalo owayebuye ab... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uDonda ka Gasa Khumalo

Umlando ngenkosi uDonda ka Gasa Khumalo Enhla nasezansi ngiyababingelela abaseMantungweni kanye nesizwe sonke sikaZulu. Ake sibheke umlando wenkosi uDonda ka Gasa Khumalo.Eyayibongwa ngokuthi ingu”Kekela ka Ngobe ongenalo ulaka emuntwini ulaka lwakhe ukuncishana.Sonani esingoni lutho okwemihlambi ... qhubeka ufunde »

Umlando ngaMantungwa aseMpumalanga Koloni (iMidletye)

Isibongo sakwaKhumalo singesinye sezibongo ezinkulu kuleli laseNingizimu Afrika. Lesi sibongo sidume ngesithakazelo saso uMntungwa ,okuligama leNzalabantu yaMantungwa, uMntungwa ka Mbulazi . UMntungwa ka Mbulazi wazala amadodana akhe oMabaso kanye noKhumalo. KuMabaso kuphuma abakwaMabaso, kuKhumalo ... qhubeka ufunde »

error: Content is protected !!