Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

 

Umlando ngeNduna uMtotobi ka Nkumba Mabaso

Umlando ngeNduna u-Mtotobi ka Nkumba Mabaso UMtotobi ka Nkumba Mabaso wabe engenye yeziNduna zeSilo uMzilikazi ka Mashobana Khumalo. WayeyiNduna yomuzi waseMncwazini,ibutho elaliqaphe lowo muzi lalibizwa ngokuthi uMncwazi. Abantu bakwaMabaso bayiNdlunkulu yaMaNtungwa,uMabaso okwaqambeka ngaye isibongo wayenguMnewabo kaKhumalo ka Mntungwa eyiNkosana ka Mntungwa.UMtotobi ka Nkumba uphuma kule ngxenye yakwaMabaso eyaziwa manje ngokuthi ingeyakwaChauke, ibuye yaziwe kakhulu ngokuthi ingeyakwaMlilo.KwabakwaChauke kubuye kuphume nabakwaNziyane/Nziane.Isibongo sakwaMlilo sisuselwa emilingweni yabo yo... qhubeka ufunde »

Umlando ngomuzi waseNdinaneni

Umlando ngomuzi waseNdinaneni. Umuzi waseNdinaneni wakhiwa iNkosi u-Mashobana ka Zikode yabakwaKhumalo iwakhela ngaphezu koMfula uMkhuze . Ngaphambilini abakwaKhumalo babekade benkanise ngasezintabeni zaseBabanango eNquthu kuhambe njalo kuyofika eNondweni. INkosi eyabe ibabusa ngaleso sikhathi kwaku... qhubeka ufunde »

Umlando ngomuzi waseGabeni

Umlando ngomuzi waseGabeni Umuzi waseGabeni wabe ungumuzi weNkosi u-Mzilikazi eyawakha ngeminyaka yama 1830s iwakhela lapho sekuseMosega khona namuhla(North West, Zeerust). INduna eNkulu yaseGabeni kwakungu-Magqekeni(Maqhekeni) ka Magogo Sithole . UYise kaMagqekeni wasala empini yaseNtumbane, wayeng... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNduna u-Mazwi Gumede

Umlando ngeNduna u-Mazwi Gumede U-Mazwi Gumede wabe engesinye sezethenjwa zeNkosi yaBaNtungwa naBaThwakazi iNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo . UYise ka Mazwi kwakungu -Zimeme owayebuye aziwe ngelika Mdlankunzi. Babebabili oMazwi kwaGumede , lona esixoxa ngaye wayengu-Mazwi wesibili owayeqamjwe... qhubeka ufunde »

Umlando ngeQhawe laseMaNgweni u-Dambisamahubo Mafu

Umlando ngoDambisamahubo ka Mafu wakwaZwane . Leli kwabe kuyiQhawe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo elahlabana kakhulu ezimpini zoMfecane , lilwa ngasohlangothini lweNkosi u-Mzilikazi , liyiFelankosi. U-Dambisamahubo eqinisweni igama lakhe langempela kwakungu-Mkhatshana ka Mafu , elikaDambis... qhubeka ufunde »

Umlando ngeMbongi u-Xukuthwayo ka Njotsho Mlotshwa

Umlando ngo-Xukuthwayo Mlotshwa U-Xukuthwayo ka Njotsho Mlotshwa wabe eyiMbongi enkulu yeNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana. AbakwwMlotshwa abatholakala ezweni laseZimbabwe empeleni akubona oMlotshwa abangoNtumbeza, bayingxenye yabakwaMazibuko . Uma bethakazela bathakazela ngokuthi Mwelase , Mazibuko, N... qhubeka ufunde »

AmaQhawe akwaGwebu(eMaBheleni)

Umlando ngamaQhawe akwaGwebu. Abantu bakwaGwebu bayingxenye yaMaBhele. Bakanye nabakwaNtuli, Khuboni, Shabangu, Mbhele kanye nabanye . Isizwe samaBhele saqanjwa ngoBhele indodana ka Dlamini wokuqala waseSwazini . UBhele uzele u-Zondi owazala abakwaZondi. U-Zondi yena uzele u-Langa ozele u-Mafu ozele... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNduna u-Gwabalanda Mathe

Umlando ngeNduna u-Gwabalanda Mathe * Abantu bakwaMathe esibathola bethe chithi saka kulo lonke elase Afrika esemazansi imvelaphi yabo isenhla nezwe njengabo bonke abaNguni . UKhokho wabo kwakunguThenjwayo . Laba bantu bakwaMathe ababuye baziwe ngokuthi bangaMaNcanana noma bangabakwaNcanana bake bah... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseNgazini

Umlando ngempi yaseNgazini. Impi yaseNgazini yalwa ngowe 1870 , yayiphakathi kweSilo sakwaBulawayo iSilo uLobhengula ka Mzilikazi kanye noMbiko ka Madlenya Masuku owasevukela uMbuso kaMthwakazi . Leyompi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi yaseNgcekezeni. ENgcekezeni kwabe kungumuzi kaMbiko Masuku. (Wayengu... qhubeka ufunde »

error: Content is protected !!