Umlando ngeNduna u-Mtotobi ka Nkumba Mabaso UMtotobi ka Nkumba Mabaso wabe engenye yeziNduna zeSilo uMzilikazi ka Mashobana Khumalo. WayeyiNduna yomuzi waseMncwazini,ibutho elaliqaphe lowo muzi lalibizwa ngokuthi uMncwazi. Abantu bakwaMabaso bayiNdlunkulu yaMaNtungwa,uMabaso okwaqambeka ngaye isibongo wayenguMnewabo kaKhumalo ka Mntungwa eyiNkosana ka Mntungwa.UMtotobi ka Nkumba uphuma kule ngxenye yakwaMabaso eyaziwa manje ngokuthi ingeyakwaChauke, ibuye yaziwe kakhulu ngokuthi ingeyakwaMlilo.KwabakwaChauke kubuye kuphume nabakwaNziyane/Nziane.Isibongo sakwaMlilo sisuselwa emilingweni yabo yo... qhubeka ufunde »