Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

INdlovukati uSisile ka Mgangeni Khumalo yakithi eNkanini(eNkhanini)

INdlovukati uSisile ka Mgangeni Khumalo yakithi eNkanini(eNkhanini) Kusile noNgwane labahle,ngethemba nivuke kahle nonke.Esithombeni nguDade uNqobili Nunu Khumalo onguMlingisi ,wake wadlala kwiScandal.Nathi eMantungweni sake saba bakhulu embusweni wakwaNgwane.Sasinayo nathi iNdlovukati ,leyo Ndlovuk... qhubeka ufunde »

Ukuchazwa kwezibongo zenkosi uMzilikazi eziphathelene nokukhothama kwayo

Ukuchazwa kwezibongo zenkosi uMzilikazi eziphathelene nokukhothama kwayo  Enhla nasezansi ngiyawabingelela wonke aMantungwa ka Mbulazi.Ezibongweni zenkosi uMzilikazi ngasekugcineni kwazo kunezinhlamvu ezithi”Yadilika iNgome yengama iNgama,Ntaba zeNtumbane naMathopho niyadela,ngokuzibula ngethambo... qhubeka ufunde »

Umlando ngoCecil John Rhodes

Umlando ngoCecil John Rhodes   Nina beSilo nanso-ke leyo ndoda yoMngisi uCecil John Rhodes okwaqanjwa ngayo izindawo eziningi lapha eAfrika kuhlanganisa namazwe amabili iRhodesia osekuyiZimbabwe namuhla kanye neNorthen Rhodesia osekuyiZambia namuhla.Kukhona neNyuvesi iRhodes eKapa nayo eyaqanjwa ng... qhubeka ufunde »

Inkosi uMzilikazi ibulala amakhosi akwaNdebele

Inkosi uMzilikazi ibulala amakhosi akwaNdebele Ngenkathi inkosi uMzilikazi ifika lapho sekuseGauteng khona namuhla isuka eKuphumuleni lapho sekuseErmelo khona namuhla yafika yakha umuzi waseNkungwini,eyawakha ngo1827. Lo muzi wawakhe lapho sekwakhiwa khona iNxanxathela yezitolo iWonderboom Juction e... qhubeka ufunde »

Umlando ngoGwayilana ka Sigabade Moyo(Mhlanga)

Umlando ngoGwayilana ka Sigabade Moyo(Mhlanga) Mantungwa amahle nina bakithi eNdinaneni,ake sibheke umlando weqhawe lakwaMhlanga uGwaliyana ka Sigabade Moyo(Mhlanga).Nina beSilo esibongweni sakwaMoyo kukhona ingxenyana yaso eyaziwa ngokuthi ingekaSigabade.Leyo ngxenye kahle -hle ingeyakwaMhlanga ngo... qhubeka ufunde »

Isiqephu sesibili sokuchazwa kwezibongo zenkosi uMzilikazi ka Mashobana

Isiqephu sesibili sokuchazwa kwezibongo zenkosi uMzilikazi ka Mashobana Mantungwa amahle ake sibheke izibongo zenkosi uMzilikazi ka Mashobana ezithinta isigameko saseNtabazinduna lapho inkosi yabulala khona izinduna zayo okubalwa kuzo noNdunankulu uGundanekumitha Ndiweni.Isizathu sokubulawa kwalezi zinduna kwaba wukuthi zazibeke uMntanenkosi uNkulumana ka Mzilikazi inkosi yona isaphila.Lokho kwenzeka ngoba inkosi yayisadukile,ingaziwa ukuthi yayikuphi,noma yayisaphila na?Lezi zibongo zithi “UB... qhubeka ufunde » read more

Umlando ngoMntanenkosi uZimfamona ka Lobhengula Khumalo

UMntanenkosi uZimfamona ka Lobhengula Khumalo Nina beSilo esithombeni nguMntanenkosi uZimfamona Khumalo,indodakazi encane yenkosi uLobhengula.Le nkosazana yakithi kuthiwa yiyona eyabe iwuThumbu wenkosi uLobhengula ezinganeni zamantombazana.Kuhlawumbiselwa ukuthi yayizalwe ngeminyaka yama 1880s.Yethi... qhubeka ufunde »

Ukuphathisa okwezikhali zaMantungwa

Ukuphathisa okwezikhali zaMantungwa  Nina beSilo nansi incazelo ngesisho esithi “Ukuphathisa okwezikhali zaMantungwa”.Ngokusbho kukaSolwazi uLZM Khumalo owasebenza kakhulu oNgoye uthi aMantungwa ayengamaNono,engamaQhathanzipho ayeqikelela ukuthi izikhali zawo zihlezi zihlanzekile,zi-clean.Uthi ... qhubeka ufunde »

Ukusungulwa kweqembu le Highlanders FC

Ukusungulwa kweqembu le Highlanders FC Kwathi lapho amaNgisi ka Cecil John Rhodes eseyehlulile inkosi uLobhengula ngo1893 empini yaseGadade athatha aBaNtwana enkosi uLobhengula oNjube ,uNguboyenja kanye noMphezeni abadingisela eKapa.Ngokuthumela amadodana enkosi eKapa amaNgisi ayeqinisekisa ukuthi u... qhubeka ufunde »

Tinanatelo takaKuhlase

Tinanatelo takaKuhlase Kuhlase, Mntungwa, LaMalinga, Logeza nelubisi, Emanti akhona Awuqedwa Kuhlase.Esithombeni yingane yaseSwazini uNamisa Kuhlase ewuMpetha womdlalo weChess.

error: Content is protected !!