Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

Umlando ngesibongo sakwaKhulu.

Umlando ngesibongo  sakwaKhulu Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma!Ngethemba nisaphila nina beSilo.Esithombeni nguBaba uMoran Samora Khulu oyengumdlali webhola owadlelela neqembu elikhulu iKaizer Chiefs.UBaba uKhulu wayezalwe ngo1958 wedlula emhlabeni mhlaka 6 kuNcwaba 2008.W... qhubeka ufunde »

Umlando ngesibongo sakwaPhenduka

Umlando ngesibongo sakwaPhenduka Abantu bakwaPhenduka baphuma kwaKhumalo esendeni likaMdletshe ka Langa wakwaKhumalo.Kuye uMdletshe kubuye kuphume nesizwe saseMdletyeni esitholakala eTsomo eMpumalanga Koloni.Esizweni saseMdletyeni sithola izibongo ezifana nesakwaPhukwana,esakwaTshangana,esakwaMgoqi,... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaNtshembeni

Umlando ngesibongo sakwaNtshembeni  Abantu bakwaNtshembeni kusengabantu bakwaKhumalo . Ngakho-ke nabo bawela esigabeni saMaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni . Babuye babe ngaMantungwa ngokobuzwe , bakanye nabo abakwaKhumalo , abakwaMabaso , abakwaNyawose , abakwaNyandeni kanye nabanye. UNtshembe... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaNkuna

Umlando ngesibongo sakwaNkuna Abantu bakwaNkuna baphuma kubantu bakwaKhumalo.Isizwe sakwaKhumalo ngesikhathi seNkosi uDingiswayo sasakhe eBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika koNondweni. Inkosi uMagugu ka Gasa eyayibusa abakwaKhumalo ngaleso sikhathi.Kuhambe kwahamba kwagcina kudaleke obunye ubukho... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaChauke

Abantu bakwaChauke bayisizwe esikhulu esitholakala kakhulu eMozambikwe nokuyilapho ubukhosi baso busazinze khona . Laba bantu bakwaChauke babuye batholakale eNingizimu Afrika koGiyane,Tzaneen ,Thulamahashe koThoyando nakwezinye izindawo . Lesi sibuye sitholakale nasezweni laseZimbabwe koKezi ,koChip... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaNyandeni

Umlando ngesibongo sakwaNyandeni Abantu bakwaNyandeni babekade bengabaNtungwa bakaMbulazi ngokobuzwe ,bengabakwaKhumalo.UNyandeni okwaqanjwa ngaye isibongo wabe engenye yamadodana kaMashobana ,engumnewabo Mzilikazi,Nzeni,Ntshembeni nabanye. Isibongo sakwaNyandeni sakheka ngemuva kokuba kuxoshwe u-Ny... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaMlilo

Abantu bakwaMlilo bangabozalo lukaMabaso indodana kaMntungwa kaMbulazi . Enye indodana kaMntungwa kwakunguKhumalo . UMabaso wazala abakwaMabaso ,kwathi uKhumalo wazala abakwaKhumalo . Ngakho-ke abakwaMlilo singakusho singananazi sithi nabo bangaMantungwa njengabo abakwaMabaso nabakwaKhumalo . Laba b... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaShembe

    Umlando ngesibongo sakwaShembe  Abantu bakwaShembe bangaMantungwa akwaNhlanzi.Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaShembe nguSokhabuzela kaNyathikazi owazala uMzazela owazala uNhliziyo owazala uMayekisa owazala inkosi uShembe (uMqaliwendlela).Ngesikhathi senkosi uSenzanzang... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaKhumalo

Umlando ngesibongo sakwaKhumalo Abantu bakwaKhumalo bangaMantungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni , babuye babe ngaMantungwa kaMbulazzi ngokobuzwe .Lesi sibongo sakwaKhumalo siyindlu encane yaMantungwa kaMbulazi , indlunkulu eyakwaMabaso.UMntungwa indodana kaMbulazi wabe enamadodana amabili,uMabaso ka... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaMabaso

Izithakazelo nomlando wakwaMabaso Abantu bakwaMabaso  bakwaMabaso bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni , babuye babe ngabeNtungwa ngokobuzwe ngesizathu sokuthi ukhokho wabo enguMntungwa kaMbulazi .UMntungwa wayenamadodana amabili,uMabaso owabe eyindlalifa kanye nomnawakhe uKhumalo owazala ab... qhubeka ufunde »

error: Content is protected !!