Umlando ngesibongo sakwaNgubeni

uMlingisi uNonhlanhla Ngubeni,odlala indawo ka Matshidiso emdlalweni ka ETV ,Isitha The Enermy .

AbakwaNgubeni

Abantu bakwaNgubeni bayingxenye yabantu bakwaKhumalo.Ukhokho walaba bantu bakwaNgubeni nguYengwayo owabe engenye yamadodana ka Khumalo. Amanye amadodana ka Khumalo kwakungoMkhatshwa,uLanga,kanye nabanye.UYengwayo wazala uLuvuno owazala uNgubeni owazala abakwaNgubeni nabakwaNkomo bande kakhulu eMpumalanga Koloni.Umuntu esimbona egqama kakhulu kwabakwaNgubeni nguGolela Nkomo.UGolela wayeyintanga yenkosi uSenzangakhona,wayenomuzi oPhongolo.Wake wahlaselwa iSilo uDingane ngenkathi sihlasela amaNtungwa.Kusuke kushiwo yena ezibongweni zeSilo uDingane uma kuthiwa “wamudla uGolelwa kwabakwaMashobana”.Ngokumthetho abantu bakwaNgubeni nabakwaKhumalo akufanele baganane ngoba bangabandawonye.Esithombeni nguDade uNonhlanhla Ngubeni odlala indawo ka Matshidiso emdlalweni ka ETV osihloko sithi ‘ISitha The Enermy”.

 

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo