Umlando ngoAlfred Mkhonto Assegai Kumalo Nina beSilo esithombeni nguMkhulu uAlfred Mkhonto Assegai Kumalo insizwa eyayizalelwe eMalizibheki mhlaka 4 Masingana 1879 okuyinyanga okwalwa ngayo impi yaseSandlwana.Washona mhlaka 9 Zibandlela 1966.Le nsizwa yakwaKumalo yafunda eNuttall Training Institut... qhubeka ufunde »
Umlando ngoNhlanganiso ka Bhensa Khumalo Nina beSilo ake sikhe phezulu umlando ngoNhlanganiso indodana ka Bhensa wakithi kwaSokhumalo.Nina beSilo uNhlanganiso wayehlubuke inkosi uMzilikazi ka Mashobana wayogqisha neSilo uDingane esagcina simubuthele ebuthweni loMkhulutshane okwakukhona kulo inkosi u... qhubeka ufunde »
Umlando ngoNoziwawa ka Mashobana Khumalo Mantungwa amahle nina bakaMzilikazi ka Mashobana iNjumbane eyadla uselwa lweNxwala yabhansela ngabsondezeli kwaNtabazinduna!IKlwa liziyephu kuDlungwane!Enhla basezansi ngiyawabingelela wonke aMantungwa.Ake sikhe phezulu umlando ngoNoziwawa ka Mashobana wakwaK... qhubeka ufunde »
Umlando ngenkosi uDonda ka Gasa Khumalo Enhla nasezansi ngiyababingelela abaseMantungweni kanye nesizwe sonke sikaZulu. Ake sibheke umlando wenkosi uDonda ka Gasa Khumalo.Eyayibongwa ngokuthi ingu”Kekela ka Ngobe ongenalo ulaka emuntwini ulaka lwakhe ukuncishana.Sonani esingoni lutho okwemihlambi ... qhubeka ufunde »
Umlando ngeNduna u-Mtotobi ka Nkumba Mabaso UMtotobi ka Nkumba Mabaso wabe engenye yeziNduna zeSilo uMzilikazi ka Mashobana Khumalo. WayeyiNduna yomuzi waseMncwazini,ibutho elaliqaphe lowo muzi lalibizwa ngokuthi uMncwazi. Abantu bakwaMabaso bayiNdlunkulu yaMaNtungwa,uMabaso okwaqambeka ngaye isibon... qhubeka ufunde »
Umlando ngeNduna u-Mazwi Gumede U-Mazwi Gumede wabe engesinye sezethenjwa zeNkosi yaBaNtungwa naBaThwakazi iNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo . UYise ka Mazwi kwakungu -Zimeme owayebuye aziwe ngelika Mdlankunzi. Babebabili oMazwi kwaGumede , lona esixoxa ngaye wayengu-Mazwi wesibili owayeqamjwe... qhubeka ufunde »
Umlando ngoDambisamahubo ka Mafu wakwaZwane . Leli kwabe kuyiQhawe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo elahlabana kakhulu ezimpini zoMfecane , lilwa ngasohlangothini lweNkosi u-Mzilikazi , liyiFelankosi. U-Dambisamahubo eqinisweni igama lakhe langempela kwakungu-Mkhatshana ka Mafu , elikaDambis... qhubeka ufunde »
Umlando ngo-Xukuthwayo Mlotshwa U-Xukuthwayo ka Njotsho Mlotshwa wabe eyiMbongi enkulu yeNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana. AbakwwMlotshwa abatholakala ezweni laseZimbabwe empeleni akubona oMlotshwa abangoNtumbeza, bayingxenye yabakwaMazibuko . Uma bethakazela bathakazela ngokuthi Mwelase , Mazibuko, N... qhubeka ufunde »
Umlando ngamaQhawe akwaGwebu. Abantu bakwaGwebu bayingxenye yaMaBhele. Bakanye nabakwaNtuli, Khuboni, Shabangu, Mbhele kanye nabanye . Isizwe samaBhele saqanjwa ngoBhele indodana ka Dlamini wokuqala waseSwazini . UBhele uzele u-Zondi owazala abakwaZondi. U-Zondi yena uzele u-Langa ozele u-Mafu ozele... qhubeka ufunde »
Umlando ngeNduna u-Gwabalanda Mathe * Abantu bakwaMathe esibathola bethe chithi saka kulo lonke elase Afrika esemazansi imvelaphi yabo isenhla nezwe njengabo bonke abaNguni . UKhokho wabo kwakunguThenjwayo . Laba bantu bakwaMathe ababuye baziwe ngokuthi bangaMaNcanana noma bangabakwaNcanana bake bah... qhubeka ufunde »