Umlando ngoAlfred Mkhonto Assegai Kumalo

Alfred Assegai Mkhonto Kumalo.

Umlando ngoAlfred Mkhonto Assegai Kumalo 

Nina beSilo esithombeni nguMkhulu uAlfred Mkhonto Assegai Kumalo insizwa eyayizalelwe eMalizibheki mhlaka 4 Masingana 1879 okuyinyanga okwalwa ngayo impi yaseSandlwana.Washona mhlaka 9 Zibandlela 1966.Le nsizwa yakwaKumalo yafunda eNuttall Training Institution yaze yagcina kwaStandard 9.Kuthiwa yayisazi impela isiNgisi.Yaduma kakhulu ngomculo wamaKhwaya.Kanye nowoKholo kwazise vele yayizalelwe khona eSilungwini ,yalandela inkolo yabo abeLungu.Kuthiwa le nsizwa yakwethu yake yasebenza njengoMshayeli weNqola yezinkabi zamaBhunu,ilayisha izimpahla isuka eMalizibheki iya eGoli.Kuthiwa yake yasebenza naseZimayini zaseGoli.Kwathi ngonyaka ka 1900 yaphindela kwelakubo yayojoyina ibutho lamaNgisi i-Natal Native Horse Regiment elalibambe elikhulu iqhaza empini yaseSandlwana mhla amaNgisi elwa noZulu ngomhlaka 22 Masingana 1879.Leli butho laligibela amaHhashi.Kwathi ngo1906 empini kaBhambatha umfowakithi lona walwa ngasohlangothi lwamaNgisi ,elwa engakulona leli buthi i-Natal Native Horse Regiment.Kuningi okwenziwa yile nsizwa yakithi ngaphambi kokuba idlule emhlabeni ngo1966 kulandela ubanjwa kwayo yisifo sohlangothi.Iningi lezingoma zikaMkhulu uAlfred zashicilelwa yiNkampani i- Shuter and Shooter  ngo 1967,yena esedlulile emhlabeni.

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo