Umlando ngaBathiyane

UMlingisi uLinda Sokhulu

Umlando ngaBathiyane

Nina beSilo ake sibheke umlando waBathiyane esibathola kwaSokhulu enyakatho yesifundazwe sakwaZulu.Uma kukhulunywa ngabantu baseBathiyaneni kusuke kukhulunywa ngezibongo esingabala kuzo esakwaSokhulu,esakwaMthiyane,esakwaZondo kanye nezinye.Ngokomlando obhalwe phansi sithola ukuthi uMthiyane okwaqanjwa ngaye isibongo wayeyindodana ka Mbulazi uyise kaMntungwa owazala oMabaso noKhumalo.Ngamanye amazwi abantu baseBathiyaneni bayizihlobo zegazi nabaseMantungweni.Abantu baseBathiyanei bagqamisa kakhulu isithakazelo sabo esithi ‘bangoSikhangane esihle esakhanga amadoda” okuyizibongo zikaKhokho wabo uSikhangane.Ngesikhathi sikaDlabela indodana kaSikhangane ka Noxoko laba bantu baseBathiyaneni babesekanye nabakwaKhumalo eMfolozi emnyama.Kodwa kuhambe kwahamba uDlabela wanyomuka kubantu bakwaKhumalo ngaseMfolozi emnyama wathatha abantu bakhe wasingisa amabombo ngasoLwandle lapho kwakhe khona isizwe sakwaMthethwa.Ngaleso sikhathi aBathethwa babebushwa inkosi yabo uKhayi .UDlabela wafika wacela indawo yokwakha enkosi uKhayi eyamyalela ukuba uma efuna indawo yokwakha makayoxosha amaNhlenga ayakhe ngasoLwandle bese akha khona. Ngempela wayiphaka impi yakhe uDlabela wayohlasela amaNhlenga,ngeshwa amaNhlengwa ayihlehlisa impi yakhe wabuyela enkosini uKhayi engaphethe lutho.Ngaleso sikhathi kwakukhona nabantu bakwaNyawo ababesuke eSwazini nabo befuna indawo yokwakha. UDlabela wagcina ehlangane nalaba bantu bahlanganyela amaNhlenga bawaxosha ,bayithola kanjalo indawo yokwakha.Esakhile kuleyo ndawo uDlabela wakha iHlalankosi lakhe alibiza ngokuthi kukwaSokhulu okwagcina sekuyisibongo kanye negama lendawo yakhe.Ekukhothameni kwenksi uDlabela kwabusa indodana yakhe uLanga eyazala inkosi uNqoboka eyabe ingumngane omkhulu weLembe ikhule nalo kwaMthethwa.UNqoboka wayezalwa yindodakazi yenkosi uJobe udadewabo wenkosi uDingiswayo eyayilamana naye emhlane kuNdlunkulu wenkosi uJobe uMabhamba wakwaMbokazi .Okusho ukuthi uNqoboka wabe enguMshana wenkosi uDingiswayo.Ekhohlo inkosi uLanga yaBathiyane yazala uNondlovu owagcina esebanga noNqoboka kwaliwa impi enkulu.UNqoboka wagcina ewudlile umhlanganiso ngosizo lukaMalume wakhe inkosi uDingiswayo.UNqoboka wayebuthelwe eZichweni zesibili ebuthwa noMntwana uShaka,uMgobhozi Msane kanye nabanye.Inkosi uNqoboka yabamba elikhulu iqhaza empini yakwaGqokli okuyimpi eyayiphakathi kweSilo uShaka nenkosi uZwide.Inkosi uNqoboka yayibamba ngasohlangothini lukaZulu.Sawudla umhlanganiso iSilo uShaka.Inkosi uNqoboka yaba ngenye yamakhosi ayezwana neSilo uShaka angazange abulawe yiSilo uDingane ngenkathi siphume umkhankaso wokubulala abahlobo beLembe.Inkosi uNqoboka yaphila isikhathi eside impela ngoba kuthiwa yayisaphila ngo1879 ngenkathi kulwa impi yaseSandlwana.Inkosi uNqoboka yalandelwa yindodana yayo uNontshobo esihlalweni sobukhosi.Enye yamadodana enkosi uNqoboka uSiqasha eyabe iyiNgobamakhosi yasala eSandlwana.Esithombeni nguDade uLinda Sokhulu onguMlingisi .Ngokuzayo sizobheka umlando waBathiyane bakwaZondo.

Khumu! 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo