Umlando ngesibongo sakwaZondo

UKhabo Zondo

Umlando ngesibongo sakwaZondo

Nina abaDlungwane ka Ndaba odlunge emanxulumeni kwaze kwasa amanxuluma esibekelana! Ake sibheke umlando wabantu bakwaZondo abangabaseBaThiyaneni.Sasishilo ngaphambilini ngenkathi sichaza ngomlando wabakwaSokhulu nabakwaMthiyane sathi uMthiyane okwaqanjwa ngaye isibongo wayengenye yamadodana ka Mbulazi engumfowabo kaMntungwa owazala aMantungwa.Ngesikhathi abantu bakwaKhumalo besakanise ngaseMfolozi emnyama babesendawonye nabantu bakwaMthiyane.Kwasuka uDlabela kaSikhangane ka Noxhoko wayakwakha kwaMthethwa ngasoLwandle.Uzalo lwakhe namuhla lwaziwa ngokuthi lungolwakwaSokhulu,enye ingxenye yozalo lwakhe yaziwa ngokuthi ingeyakwaMthiyane,AbakwaZondo bona-ke baphuma kuSokotshane umfowabo ka Sikhangane.USikhangane noSokotshane babezalwa uNoxhoko,nguSikhangane owabe eyiNkosana.USokotshane kuthiwa wakhothamela khona eMfolozi emnyama.USokotshane wazala  inkosana yakhe uZondo okwaqanjwa ngaye isibongo.UZondo yena wazala amadodana amaningi impela esingabala uNjomisa,uMabhedu,uSiyendane,uDunga,uBulawayo,uMahele kanye nabanye,UDunga lona akuyena owakwaMathonsi,futhi noBulawayo akuyena owakwaHlabisa.Amadodana kaZondo agcina enyomukile esizweni sakwaKhumalo ngaseMfolozi emnyama amanye abheka kwelakwaMthethwa,amanye abheka kwaNongoma.USiyendane noNjomisa bona basingisa amabombo lapho sekuseSinquthu khona.USiyendane wazala uMonyeni owazala uMbhekeni.UMbhekeni wazala uNhlomela owazala uMkhonto owazala uNdlumnyama,uMntungwana kanye nabanye.Ukuxhumana phakathi kwaBaThiyane naMantungwa kubuye kufakazelwe nayisihlahla esibizwa ngokuthi yiNqayi,esinezinhlobo ezimbili iNqayi elimnyama neNqayi elimhlophe.INqayi elimnyama libuye laziwe ngoMthiyane,bese iNqayi elimhlophe lona linguMntungwa.INqayi elimhlophe lithakwa kakhulu eBulawini bakwaKhumalo,noma uma kuzophalaza insizwa yakhona kwaKhumalo.INqayi elimnyama lona lithakwa kakhulu eziNdukwini ezithinta abakwaMthiyane(Sokhulu.Mthiyane nabakwaZondo).Umuntu esimbona egqama kakhulu kulesi sibongo sakwaZondo nguGulukudwana Zondo inyanga enkulu yenkosi uMzilikazi yabakwaSokhumalo.UGulukudwana Zondo nguyena owayechela impi yenkosi uMzilikazi.Kuthiwa wayesaphila ngo1993 ngesikhathi senkosi uLobhengula,nguyena owachela impi yaBathwakazi ngenkathi izonqikilana namaNgisi kaCeci John Rhodes eGadade 1993.

 

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo