Umlando ngoNhlanganiso ka Bhensa Khumalo

UMdwebo wensizwa yakwaZulu.

Umlando ngoNhlanganiso ka Bhensa Khumalo

Nina beSilo ake sikhe phezulu umlando ngoNhlanganiso indodana ka Bhensa wakithi kwaSokhumalo.Nina beSilo uNhlanganiso wayehlubuke inkosi uMzilikazi ka Mashobana wayogqisha neSilo uDingane esagcina simubuthele ebuthweni loMkhulutshane okwakukhona kulo inkosi uMnyamana Buthelezi,uNtshingwayo Khoza,uMasiphula Ntshangase kanye nabanye.UNhlanganiso nguyena owayethutha izindaba zakithi eMhlahlandlela eziyisa eSilweni uDingane kwaZulu.UMhlahlandlela kwabe kuwumuzi wenkosi uMzilikazi owawakhe lapho sekusePitoli khona namuhla.Le nsizwa yakwaKhumalo yayihamba ize iyofika naseMaMpondweni isebenza wona umsebenzi wobunhloli,iwenzela iSilo uDingane.Ngenkathi iSilo uDingane sihlela ukuyohlasela inkosi uNcaphayi yaMabhaca sathuma yena uNhlanganiso kanye noMphezulu ka Nomagaga  ukuba bahole izinhloli ezaphikelela aMabhaceni ukuba ziyohlola izwe lenkosi uNcaphayi.Kuthiwa inkosi uNcaphayi yasheshe yezwa ngezinhlelo zeSilo uDingane,yathukusa izinkomo enhlathini.Kuthiwa kwathi ngosuku impi kaZulu eyahlasela ngalo ayitholanga ngisho neyodwa inkomo.Kuthiwa sathukuthela sathelwa ngamanzi iSilo uDingane sathi oNhlanganiso abawenzanga kahle umsebenzi wabo. Sakhipha amehlo oNhlanganiso noMphezulu sabashiya beziMpumputhe.NeSilo uShaka sasike senza into efanayo kuMashongwe ka Mgedeza wakwaQwabe,naye samkhipha amehlo waba yiMpuphuthe.KuneHubo lakwaZulu elimayelana ngaye uNhlanganiso.Lihamba kanjena .

 

“Hheya hheya muntu wakwaZulu wawuthi asiyukungena eNgome sangena nakhuza iwawa nawe Nhlanganiso wawuphika inkani uMhlahlandlela kawusekho”.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo