Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

Umlando ngoSomhlolo ka Mahlikivana Mathema

Umlando ngoSomhlolo ka Mahlikivana Mathema Abantu bakwaMathema abatholakala ezweni laseZimbabwe basengabantu bakwaMkhwanazi.Iqhawe esilibona ligqama kakhulu kulengxenyana yesizwe saBaKhwanazi uSomhlolo ka Mahlikivana kaNomi . Kuthiwa laba bantu bakwaMathema isibongo sakwaMathema basithola ngesigamek... qhubeka ufunde »

Umlando ngeLokishi iMagwegwe kwaBulawayo

ILokishi iMagwegwe kwaBulawayo Nina beSilo kwaBulawayo eZimbabwe kuneLokishi elibizwa ngokuthi yi-Magwegwe Township.Leli Lokishi laqanjwa ngoMagwegwe wakwaFuyane.UMagwegwe wabe enguNdunankulu kaMthwakazi ngesikhathi senkosi uLobhengula.UNdunankulu ngesikhathi senkosi uMzilikazi kwakunguGundanekumith... qhubeka ufunde »

Izibongo eziphuma kuMntungwa ka Mbulazi

Izibongo eziphuma kuMntungwa ka Mbulazi Nina beSilo ake sibheke izibongo eziphuma kuMntungwa ka Mbulazi.Amadodana kaMntungwa ka Mbulazi agqama kakhulu emlandweni uMabaso kanye noKhumalo.UMabaso ka Mntungwa uzala abakwaMabaso,bese uKhumalo ka Mntungwa yena azale abakwaKhumalo.Enye indodana kaMbulazi ... qhubeka ufunde »

Umlando ngo Andries Hendrik Potgieter

Umlando ngo Andries Hendrik Potgieter Nina beSilo lona osesithombeni ngu Andries Hendrik Potgieter ibhunu elamisa kabi kakhulu uMawela wakithi eNdinaneni.AbaThwakazi babelibiza ngokuthi linguPoti.Kusuke kushiwo lona ezibongweni zikaMawela uma kuthiwa “wamudla uPoti kuMaQadase”.AmaQadase kushiwo ... qhubeka ufunde »

UNoju wakwaKhumalo

UNoju wakwaKhumalo Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela!UDunjwa yedwa limkhandanisile!ISilo uShaka,iSilo sakithi kwaBulawayo.Ake sibheke iqhaza lensizwa yakwaSokhumalo,uNoju owabe eyiNhloli yamakhosi amaNguni.UNoju kuthiwa wayakhe kwaNongoa.Ngokwencwadi ka Baba uM... qhubeka ufunde »

Umlando ngoHlangabeza ka Mzilikazi

  UHlangabeza ka Mzilikazi MaNtungwa amahle nina abakaMzilikazi ka Mashobana owazihlaba zema ngomgobo kwaGqokli!USinhlanhlatha ekhafula lo  onjengeMbabalala.Nina beSilo ake sibheke umlando ngendodana yenkosi uMzilikazi uHlangabeza.UHlangabeza wayezalwa uNdlunkulu uLomawaka Nxumalo owayebuye ab... qhubeka ufunde »

Umlando ngaMantungwa aseMpumalanga Koloni (iMidletye)

Isibongo sakwaKhumalo singesinye sezibongo ezinkulu kuleli laseNingizimu Afrika. Lesi sibongo sidume ngesithakazelo saso uMntungwa ,okuligama leNzalabantu yaMantungwa, uMntungwa ka Mbulazi . UMntungwa ka Mbulazi wazala amadodana akhe oMabaso kanye noKhumalo. KuMabaso kuphuma abakwaMabaso, kuKhumalo ... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseNgazini

Umlando ngempi yaseNgazini. Impi yaseNgazini yalwa ngowe 1870 , yayiphakathi kweSilo sakwaBulawayo iSilo uLobhengula ka Mzilikazi kanye noMbiko ka Madlenya Masuku owasevukela uMbuso kaMthwakazi . Leyompi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi yaseNgcekezeni. ENgcekezeni kwabe kungumuzi kaMbiko Masuku. (Wayengu... qhubeka ufunde »

Izintaba zaMatobo

Izintaba zamaMatobo  Izintaba zaMatobo uxhaxha lwezintaba olutholakala endaweni ebuye ibizwe ngegama elifanayo okuthiwa kuseMatobo eNingizimu yezwe laseZimbabwe.Igama elithi ” amatobo” lisuselwa egameni elithi ” matombo” nokuyigama elichaza amatshe ngokwezilimi isiKhalanga, ... qhubeka ufunde »

Ukuchazwa kwezibongo zeNkosi uMzilikazi kaMashobana 

1.*(INyanga abathe ifile uZulu! Kanti isiyethwese , yethwese ngoNyokana kaMpeyana) Lezibongo zikhuluma ngokusuka kwakhe kwaZulu ngemuva kwengxabano yakhe neLembe.  UNyokana kaMpeyana lona okukhulunywa ngaye wayengowakwaZwane akhe endaweni okusekuthiwa manje kuseBaqulusini ngasoBivane. UMzilikazi wathi uma esuka kwaZulu wasingisa amabombo eBaqulusini , kuleya ndawo wafike wacela indawo yokugoba izinkophe kuNyokana kaMpeyana wakwaZwane . UNyokana wayejutshwe yiLembe ukuba abe yiNduna yaseBaqulusini ngemuva kokwehlulwa kweNkosi uNtshosho kaMangethe yakwaZwane yehlulwa yilona iLembe.  UNyokana wenqaba ukukhoselisa uMzilikazi , esikhundleni sokumkhoselisa yena wawuhlaba wawulawula  wanxusa ezinye izizwe ezazingomakhelwane bakhe ukuba zihlome kuhlaselwe okaMashobana. Yagcina ibambene ngezihluthu yehlulwa ekaNyokana naye wasala enkundleni.  Esewudlile umhlanganiso uMzilikazi wathumba abantu kanye  nezinkomo zalezo izizwe ayezehlulile esingabala kuzo esaseMangweni , esakwaMazibuko  kanye nezinye izizwana ezazingomakhelwane.  Wathumba nemfuyo ebulala inyoka. Kulabo bantu abathumba kwakukhona nezinsizwa okwahamba kwahamba zakhombisa ubuqhawe ubukhulu . Zagcina sezingamaqhawe amakhulu. Kulezo zinsizwa singabala oGundanekumitha Ndiweni , uMlomodlemeveni Zwane , Nyathela kaKhanyi Mazibuko kanye nabanye . Ngamufuphi -ke lezi zibongo

error: Content is protected !!