Umlando ngoMntanenkosi uMhlambi ka Lobhengula Khumalo

Isithombe nje esithathwe Onilne

Umlando ngoMntanenkosi uMhlambi ka Lobhengula Khumalo 

Enhla nasezansi ngiyawabingelela wonke aMantungwa ka Mbulazi.UMntanenkosi uMhlambi wayezalwa inkosi uLobhengu kuNdlunkulu uMfaziwamajaha Mkhwanazi.UNdlunkulu uMfaziwamajaha wagana inkosi uLobhengula njengeNhlanzi kaNdlunkulu uMbhida(udadewabo).NgokoLimi lwakithi kwaMthwakazi iNhlanzi noma uMshanelo umuntu wesifazane ogana inkosi ephelekezela udadewabo,inhloso kusuke kuwukuzozalela udadewabo abantwana uma kwenzeka udadewabo angabatholi abantwana.NgesiZulu lowo muntu ubizwa ngokuthi uyiMpelesi okususelwa egameni uku’phelekezela”.NgesiSwati kuthiwa uMhlanti(uMhlanzi) okususelwa ekutheni lo wesifazane usuke ezohlanza ikhaya(to clean) ingakho kwaMthwakazi ebizwa ngoMshanelo ngoba umsebenzi woMshanelo owokushanela.UMfaziwamajaha yena wagana inkosi uLobhengula njengeMpelesi kadadewabo uNdlunkulu uMbhida Mkhwanazi.UNdlunkulu uMbhida wazala uNyamande.UNdlunkulu uMfaziwamajaha nguyena ozala uMhlambi.Kuthiwa inkosi uLobhengula yayingabathandisisi oMfaziwamajaha kanye nendodana yakhe uMhlambi kangangokuthi yayishaya amakhala ukuthi uMhlambi wabe eyindodana yayo ngempela.Kuthiwa kwathi enezinsukwana ezelwe inkosi uLobhengula yakhipha umyalelo owawuthi makayiswe esibayeni alaliswe khona ubusuku bonke ukuze agxotshwe umhlambi wezinkomo afe.Kuthiwa ngempela kwenzeka lokho yathathwa ingane yayiswa esibayeni.Kuthiwa kwasa ingane iphila ikakwe umhlambi wezinkomo ingenalo nelilodwa inxeba lokunyathelwa.Laqambeka kanjalo igama lengane kwathiwa ‘uMhlambiwezinkomo”.Kuthiwa ngisho nangenkathi esekhulile uMntanenkosi uMhlambi inkosi uLobhengula yayilokhu ingamnambithisisi kahle.

 

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo