Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

 

Umlando ngesibongo sakwaNgubeni

AbakwaNgubeni Abantu bakwaNgubeni bayingxenye yabantu bakwaKhumalo.Ukhokho walaba bantu bakwaNgubeni nguYengwayo owabe engenye yamadodana ka Khumalo. Amanye amadodana ka Khumalo kwakungoMkhatshwa,uLanga,kanye nabanye.UYengwayo wazala uLuvuno owazala uNgubeni owazala abakwaNgubeni nabakwaNkomo bande kakhulu eMpumalanga Koloni.Umuntu esimbona egqama kakhulu kwabakwaNgubeni nguGolela Nkomo.UGolela wayeyintanga yenkosi uSenzangakhona,wayenomuzi oPhongolo.Wake wahlaselwa iSilo uDingane ngenkathi sihlasela amaNtungwa.Kusuke kushiwo yena ezibongweni zeSilo uDingane uma kuthiwa “wamudla uGolelwa... qhubeka ufunde »

IHubo lesizwe senkosi uMzilikazi ka Mashobana

Nina beSilo nali iHubo lesizwe senkosi uMzilikazi ka Mashobana.Uma kuthiwa ine’ziNsikwa ezimnyama ezahlatshwa ngezinti zoMkhonto kusuke kushiwo ubuqhawe benkosi uMzilikaz.IziNsikwa kushiwo amanxeba emiKhonto kanye naweziNhlendla.   Khumu!  

read more

Ukusungulwa kweqembu le Highlanders FC

Ukusungulwa kweqembu le Highlanders FC Kwathi lapho amaNgisi ka Cecil John Rhodes eseyehlulile inkosi uLobhengula ngo1893 empini yaseGadade athatha aBaNtwana enkosi uLobhengula oNjube ,uNguboyenja kanye noMphezeni abadingisela eKapa.Ngokuthumela amadodana enkosi eKapa amaNgisi ayeqinisekisa ukuthi u... qhubeka ufunde »

Tinanatelo takaKuhlase

Tinanatelo takaKuhlase Kuhlase, Mntungwa, LaMalinga, Logeza nelubisi, Emanti akhona Awuqedwa Kuhlase.Esithombeni yingane yaseSwazini uNamisa Kuhlase ewuMpetha womdlalo weChess.

Abantu besibongo sakwaMachobane

Abantu besibongo sakwaMachobane  Abantu bakwaMachobane bangabakwaKhumalo,batholakala kakhulu eVaal ,bayathokala futhi naseSasolburg, eKroonstad, eVentersburg kanye naseWinburg.Lezi izindawo odlula kuzona uma usuka eVaal(Vereeniging) uhamba ngomgwaqo owuThelawayeka uR57 uphikelele eFreestate,lo mgqw... qhubeka ufunde »

Ukuchazwa kwezibongo zenkosi uMzilikazi ka Mashobana isiqephu sokuqala

Ukuchazwa kwezibongo zenkosi uMzilikazi ka Mashobana isiqephu sokuqala   Mantungwa amahle ake sibheke izincazelo zezibongo zenkosi uMzilikazi ka Mashobana. 1.INkanyamba emakhandakhanda,iNkanyamba emahlule yalokaLanga -Lezi zibongo zichaza ukuthi yabe iyingozi kakhulu inkosi uMzilikazi.INkanyama wuhlobo lwenkonyaka oluhlala oLwandle,eSizibeni noma eDamini.Kuthiwa uma luke lwaphuma emanzini kuye kuqubuke iziphepho ezibizwa ngokuthi ‘amaHuriccanes.Lezo ziphepho zivamiswe ukubizwa ngamagama abant... qhubeka ufunde » read more

Umlando ngeNdlovukati uTsandzile Ndwandwe yaseSwazini

INdlovukati uTsandzile Ndwandwe Nina bakaSifuba sinengceke sinamanzi ake sixoxe ngeNdlovukati uTsandzile Ndwandwe,kancane nje.INdlovukati uTsandzile Ndwandwe yayizalwa inkosi uZwide ka Langa Ndwandwe,yagana iNgwenyama uSobhuza wokuqala yazala iNgwenyama uMswati wesibili.INdlovukati uTsandzile yayidume kakhulu ngelikaLaZidze ngoba uyise kwakuyinkosi uZwide.Yayilamana emhlane noNompethu indodakazi yenkosi uZwide eyagana inkosi uMashobana yazala uMzilikazi.Okusho ukuthi iNgwenyama uMswati wesibili ... qhubeka ufunde » read more

Uzalo lukaMdletshe ka Langa Khumalo eLesotho

Uzalo lukaMdletshe ka Langa  Khumalo eLesotho Mantungwa amahle njengoba ngangike ngachaza ngaphambilini ngathi laphayana eTsomo eMpumalanga Koloni kukhona isizwe izizwe zaseMantungweni eziwuzalo lukaMdletshe ka Langa wakwaKhumalo.Lezi zizwe zitholakala esigodini saseMdletyeni esaqanjwa ngaye uMdlet... qhubeka ufunde »

error: Content is protected !!