Umlando ngenkosi uDonda ka Gasa Khumalo Enhla nasezansi ngiyababingelela abaseMantungweni kanye nesizwe sonke sikaZulu. Ake sibheke umlando wenkosi uDonda ka Gasa Khumalo.Eyayibongwa ngokuthi ingu”Kekela ka Ngobe ongenalo ulaka emuntwini ulaka lwakhe ukuncishana.Sonani esingoni lutho okwemihlambi yezinyamazane”.Endulo abantu bakwaKhumalo sibathola bakhe ngasezintabeni zaseBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika eNondweni.Kuyavela emlandweni ukuthi umuntu owabe eyinkosi yabo ngaleso sikhathi kwakuyinkosi uMagugu , umnewabo wenkosi uDonda .Ngaleso sikhathi uDonda wayengeyona inkosi.Kuthiwa uDo... qhubeka ufunde »