Umlando ngamaqhawe aseMantungweni oNongila no Mahlangeni UNongila Mabaso : Ayemaningana impela amaqhawe aseMantungweni kodwa ngizothinta amabili nje kuphela . Lawo maqhawe uNgongila Mabaso iNtontela kanye noMhlangeni kaGawozi Khumalo iWombe UNongila eSandlwana wasebenza kakhulu njengenhloli enkulu kaZulu. Nguyena owayebheka yonke iminyakazo yamaNgisi bese eyobikela iSilo uJininindi .Lokho wayekwenza ngokukhulu ukukhalipha kwazise ukhakhayi lwaseluqile kuye ngoba ubunhloli lobu wayebuqale ngesikhathi seSilo uSenzangakhona . Wayebuthelwe ebuthweni iNtontela nokuyibutho elalimbandakanya oNd... qhubeka ufunde »