Izithakazelo zakwaKhumalo Khumalo Mntungwa Mbulazi Ngicela uqedele ngokulalela kwiVido engezansi.
read moreUmlando ngoMlotsha ka Siwela wakwaKhumalo Nina abeMbube eshoba liyisilikithi esithombeni umfowethu u Lucky Nkosi onguMsakazi.Isibongo sakwaNkosi sihlukene kabili,kukhona abakwaNkosi okusengabantu bakwaDlamini abanoBukhosi obukhulu eSwazini bese kuba khona abakwaNkosi abathakazela ngoMphazima okungab... qhubeka ufunde »
Umlando ngesigodlo saseMbhuleni Nina abakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu.Ngethemba basaphila abeSilo.Esithombeni iSigodlo saseMbhuleni esiseManzana eMpumalanga.Indawo yaseManzana ngaphambilini yayikade ibizwa ngokuthi kuse Badplaas.EMbhuleni kwabe kungesinye sez... qhubeka ufunde »
Umlando ngoNhlanganiso ka Bhensa Khumalo Nina beSilo ake sikhe phezulu umlando ngoNhlanganiso indodana ka Bhensa wakithi kwaSokhumalo.Nina beSilo uNhlanganiso wayehlubuke inkosi uMzilikazi ka Mashobana wayogqisha neSilo uDingane esagcina simubuthele ebuthweni loMkhulutshane okwakukhona kulo inkosi u... qhubeka ufunde »
Umlando ngoSomhlolo ka Mahlikivana Mathema Abantu bakwaMathema abatholakala ezweni laseZimbabwe basengabantu bakwaMkhwanazi.Iqhawe esilibona ligqama kakhulu kulengxenyana yesizwe saBaKhwanazi uSomhlolo ka Mahlikivana kaNomi . Kuthiwa laba bantu bakwaMathema isibongo sakwaMathema basithola ngesigamek... qhubeka ufunde »
Ibutho likaMawela leZimpangele Kwathi lapho uMawela wakithi eNdinaneni esebulale inkosi yaManala inkosi uSibindi kanye nenkosi yamaNdzundza inkosi uMagodongo uMawela wabutha izinsizwa zaManala kanye nezamaNdzundza wazibuthela ebuthweni alibiza ngokuthi yiButho leZimpangele.Ngenkathi isizwe sifudukel... qhubeka ufunde »
ILokishi iMagwegwe kwaBulawayo Nina beSilo kwaBulawayo eZimbabwe kuneLokishi elibizwa ngokuthi yi-Magwegwe Township.Leli Lokishi laqanjwa ngoMagwegwe wakwaFuyane.UMagwegwe wabe enguNdunankulu kaMthwakazi ngesikhathi senkosi uLobhengula.UNdunankulu ngesikhathi senkosi uMzilikazi kwakunguGundanekumith... qhubeka ufunde »
Umlando ngoNoziwawa ka Mashobana Khumalo Mantungwa amahle nina bakaMzilikazi ka Mashobana iNjumbane eyadla uselwa lweNxwala yabhansela ngabsondezeli kwaNtabazinduna!IKlwa liziyephu kuDlungwane!Enhla basezansi ngiyawabingelela wonke aMantungwa.Ake sikhe phezulu umlando ngoNoziwawa ka Mashobana wakwaK... qhubeka ufunde »
Kithi eNkungwini. Ngonyaka ka 1827 inkosi yakithi uMzilikazi ka Mashobana yakha umuzi wayo waseNkungwini endaweni eyaziwa manje ngokuthi kuseWonderboom buqamama neRosslyn eduze nje nomfula iMpebane.Emanxiweni akithi sekwakhiwa iMall iWonderboom Juction.Indawo yaseWonderboom yaqanjwa ngezintaba ezise... qhubeka ufunde »