Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

 

Umlando ngomuzi waseMvutshweni

Umuzi waseMvutshweni  Umuzi waseMvutshweni wakhiwa inkosi uLobhengula ka Mzilikazi.Amanxiwa alo muzi abuqamama nomfula uMguza lapho sekwakhiwe khona uMvutcha Abattoir.Inkosi uLobhengula yaqamba lo muzi  ngoMvutshwa ngoba kulapho kwakuphiselwa khona utshwalwa,kuhlastshwe nezinkomo kudliwe kube kuhle kube njeyaya.Amabutho ayesuka ezindaweni ezikude ayefika aphumule kulo muzi waseMvutshweni.Amabutho afana neMbizo kanye naMeza okungamabutho ayekanise endaweni lapho sekwakhiwa khona iDolobha laseKwekwe nalo elisuselwa egameni lomuzi wenkosi uLobhengula umuzi waseQweqweni.Umuzi waseMeveni owawuqas... qhubeka ufunde »

Umlando ngesibongo sakwaPhukwana

  Umlando ngesibongo sakwaPhukwana   Nina beSilo esithombeni nguBaba uMtutuzeli Dudu Pukwana owabe enguMculi weJazz,ehamba umhlaba wonke ngezikhathi zakhe.UBaba uPukwana wayezalwe ngomhlaka 18 kuNtulikazi 1938 ezalelwa lapho sekuseGqeberha khona namuhla.Wedlula emhlabeni mhlaka 30 kuNhlangulana 1990 eshonela eNgilandi,eneminyaka eyi51.Abantu bakwaPhukwana nina beSilo basengabantu bakwaKhumalo,sibathola bethe chithi saka esifundazweni iMpumalanga Koloni.Banobukhosi babo endaweni yaseMdletye... qhubeka ufunde » read more

Umlando ngesibongo sakwaMabhena

Umlando ngesibongo sakwaMabhena  Abantu abakwaMabhena nabo banaye uKhokho wabo  ogama lakhe linguMntungwa njengabo nje abantu baseMantungweni.Lo Mntungwa wakwaMabhena akaxhumene noMntungwa waseMantungweni.OwaseMantungweni uzalwa nguMbulazi,kanti owakwaMabhena yena uzalwa nguMkhalangana.Abantu bakwaMabhena banobukhosi obukhulu esifundazweni saseMpumalanga,lobu bukhosi baziwa ngokuthi buwubukhosi baseManaleni okungelinye igama lesizwe sakwaMabhena,kuthiwa bangabakwaManala kususelwa egameni likaK... qhubeka ufunde » read more

Umlando ngesibongo sakwaMacozoma

Umlando ngabantu bakwaMacozoma Abantu bakwaMacozoma esibathola esifundazweni saseMpumalanga Koloni basengabantu bakwaKhumalo.Ukhokho wabo nguMdletshe ka Langa wakwaKhumalo.UMdletshe lona ubuye abe nguKhokho wabantu abakwaPhukwana kanye nabakwaTshangana abanobukhosi endaweni yaseMdletyeni eTsomo esif... qhubeka ufunde »

Umlando ngaBathiyane

Umlando ngaBathiyane Nina beSilo ake sibheke umlando waBathiyane esibathola kwaSokhulu enyakatho yesifundazwe sakwaZulu.Uma kukhulunywa ngabantu baseBathiyaneni kusuke kukhulunywa ngezibongo esingabala kuzo esakwaSokhulu,esakwaMthiyane,esakwaZondo kanye nezinye.Ngokomlando obhalwe phansi sithola uku... qhubeka ufunde »

Umlando ngesibongo sakwaZondo

Umlando ngesibongo sakwaZondo Nina abaDlungwane ka Ndaba odlunge emanxulumeni kwaze kwasa amanxuluma esibekelana! Ake sibheke umlando wabantu bakwaZondo abangabaseBaThiyaneni.Sasishilo ngaphambilini ngenkathi sichaza ngomlando wabakwaSokhulu nabakwaMthiyane sathi uMthiyane okwaqanjwa ngaye isibongo ... qhubeka ufunde »

IHubo lenkosi uBheje Khumalo

Mantungwa ka Mbulazi nina abeSinambathi esagxabha senyela eManyandane.Nali iHubo le nkosi uBheje yabakwaKhumalo.  

read more

IHubo lakwaKhumalo

Mantungwa amahle nali iHubo lakwaKhumalo,eleNdlu yenkosi uDonda yaseZizibeni.Inkosi uDonda yakhe umuzi wayo ngaseSikhwebezi.Lowo muzi wawubizwa ngokuthi kuseZizibeni.Ingakho abakwaKhumalo bethakazelwa ngokuthi bangaDonda weZiziba.Inkosi uDonda yayizalwa inkosi uGasa,uyise woZikode,uMashobaba,uMagugu ,uSiwela kanye nabanye.  

read more

IHubo lakwaKhumalo

Mantungwa amahle nali iHubo lakwaKhumalo,libizwa nguSolwazi uLZM Khumalo,owasebenza kakhulu eNyuvesi yasoNgoye.Waba neqhaza elikhulu ekuchithweni koPhoko(Incwadi kaBaba uReggie).  

read more

Izithakazelo zaMantungwa akwaNkosi

Nina beSilo nazi izithakazelo zaMantungwa akwaNkosi,abayingxenye yabakwaKhumalo.  

read more

error: Content is protected !!