Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

 

Izithakazelo nomlando wakwaMlilo

Abantu bakwaMlilo bangabozalo lukaMabaso indodana kaMntungwa kaMbulazi . Enye indodana kaMntungwa kwakunguKhumalo . UMabaso wazala abakwaMabaso ,kwathi uKhumalo wazala abakwaKhumalo . Ngakho-ke abakwaMlilo singakusho singananazi sithi nabo bangaMantungwa njengabo abakwaMabaso nabakwaKhumalo . Laba bantu bakwaMlilo baphuma kuXinyori owabe engenye yamadodana kaMabaso . UXinyori wasuka lapho osekukwaZulu khona waphikelela lapho sekuyiMozambikwe khona namuhla. Wafika eMozambikwe wankanisa ngaphezu komfula uSave . Wafika kuleyo ndawo wazakhela ugazi kubantu bendawo ngenxa yolwazi lwakhe lwamakhambi... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaShembe

    Umlando ngesibongo sakwaShembe  Abantu bakwaShembe bangaMantungwa akwaNhlanzi.Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaShembe nguSokhabuzela kaNyathikazi owazala uMzazela owazala uNhliziyo owazala uMayekisa owazala inkosi uShembe (uMqaliwendlela).Ngesikhathi senkosi uSenzanzang... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaKhumalo

Umlando ngesibongo sakwaKhumalo Abantu bakwaKhumalo bangaMantungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni , babuye babe ngaMantungwa kaMbulazzi ngokobuzwe .Lesi sibongo sakwaKhumalo siyindlu encane yaMantungwa kaMbulazi , indlunkulu eyakwaMabaso.UMntungwa indodana kaMbulazi wabe enamadodana amabili,uMabaso ka... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaMabaso

Izithakazelo nomlando wakwaMabaso Abantu bakwaMabaso  bakwaMabaso bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni , babuye babe ngabeNtungwa ngokobuzwe ngesizathu sokuthi ukhokho wabo enguMntungwa kaMbulazi .UMntungwa wayenamadodana amabili,uMabaso owabe eyindlalifa kanye nomnawakhe uKhumalo owazala ab... qhubeka ufunde »

UNongila Mabaso kanye noMahlangeni Khumalo

Umlando ngamaqhawe  aseMantungweni oNongila no Mahlangeni UNongila Mabaso : Ayemaningana impela amaqhawe aseMantungweni kodwa ngizothinta amabili nje kuphela . Lawo maqhawe uNgongila Mabaso iNtontela kanye noMhlangeni  kaGawozi Khumalo iWombe  UNongila eSandlwana wasebenza kakhulu njengenhloli en... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNdlunkulu uNyamazana Xaba

Umlando ngoNdlunkulu uNyamazana Xaba UNyamazana Xaba ‎wayengumuntu wesifazana owayenesibindi esiyisimanga. Igama lakhe ayelethiwe uyise nonina kwakunguHlobiso Xaba. Kuthiwa lentokazi yaseMahlutshini yayiyinhle futhi yakhake kahle. Kuyileso sizathu uyise wayiqamba igama uHlobiso ngoba ethi uzohlobi... qhubeka ufunde »

Umlando ngesizwe saBathwakazi

Umlando ngesizwe saBathwakazi Isizwe saBathwakazi isizwe esitholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe. Lesi sizwe sabunjwa iqhawe lakwaKhumalo uMzilikazi indodana kaMashobana kaZikode kaMkhatshwa kaKhumalo. Isizwe saBathwakazi sixube izizwe ezinhlobonhlobo nesingabala kuzo abaTswana , abaVenda, abeSwa... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana(Prince) uNkulumana kaMzilikazi Khumalo.

Umlando ngoMntwana (Prince) uNkulumana kaMzilikazi  UMntwana uNkulumana Khumalo (iHlokohloko) wayeyinkosana yeSilo sikaMthwakazi iSilo uMzilikazi kaMashobana Khumalo uMthwakazi yisizwe esahlanganiswa iSilo uMzilikazi ngesikhathi sezimpi zoMfecane . Lesi sizwe sisekhona nanamuhla ,sitholakala en... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNkosi uBheje Khumalo

Umlando ngeNkosi uBheje Khumalo . Uma uzwa umuntu othukuthele efunga ethi “uBheje eseNgome” yazi ukuthi lowo muntu ungowakwaKhumalo isibongo .  Leyo nkulumo abantu bakwaKhumalo babuye bayisebenzise njengesithakazelo . UBheje abantu bakwaKhumalo  abafunga ngaye wayeyinkosi yabak... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMbiko kaMadlenya Masuku

Umlando ngoMbiko kaMadlenya Masuku UMbiko kaMadlenya wakwaMasuku wabe eyiqhawe leSilo sikaMthwakazi iSilo uMzilikazi kaMashobana Khumalo . ISilo uMzilikazi sasisuke kwaZulu zabheka enyakatho ngowe 1821 ngemuva kwengxabano neaLembe . Ngaleso sikhathi sasingakabi iSilo ,sasiseyingenye yezinduna zeSilo... qhubeka ufunde »

error: Content is protected !!