
iDlinza likaMawela
Ukuchazwa kwezibongo zenkosi uMzilikazi eziphathelene nokukhothama kwayo
Enhla nasezansi ngiyawabingelela wonke aMantungwa ka Mbulazi.Ezibongweni zenkosi uMzilikazi ngasekugcineni kwazo kunezinhlamvu ezithi”Yadilika iNgome yengama iNgama,Ntaba zeNtumbane naMathopho niyadela,ngokuzibula ngethambo laMantungwa,nize niliphathise okwezikhali zoYisemkhulu”. Lezi zibongo zichaza ukukhothama kwenkosi uMzilikazi.Imbongi ifanisa inkosi uMzilikazi nentaba iNgome eBaqulusini.Ukwegama kusho ukuma pheze kwenye into.INgama noma aMathopho wuxhaxha lwezintaba olutholakala kwaMthwakazi bude buduze nedolobha lakwaBulawayo.Lalela nansi iVido ngezansi uzwe yonke incazelo.
Khumu!