INdlovukati uSisile ka Mgangeni Khumalo yakithi eNkanini(eNkhanini)

uMlingisi uNunu Nqobile Khumalo.

INdlovukati uSisile ka Mgangeni Khumalo yakithi eNkanini(eNkhanini)

Kusile noNgwane labahle,ngethemba nivuke kahle nonke.Esithombeni nguDade uNqobili Nunu Khumalo onguMlingisi ,wake wadlala kwiScandal.Nathi eMantungweni sake saba bakhulu embusweni wakwaNgwane.Sasinayo nathi iNdlovukati ,leyo Ndlovukati uSisile Khumalo indodakazi ka Mgangeni .INdlovukati uLaMgangeni yaba iNdlovukati kusukela ngonyaka ka 1875 kuya ku 1881.Yayihlala esigodlweni saseNkhanini ngakwaLobamba.INdlovukati yakithi yona yayithathe kuLaZidze(iNdlovukati uThandzile ka Zwide Ndwandwe ) owaba iNdlovukati kusukela 1840 kuya ku1875.Yena wayethathe kwiNdlovukati uLojiba Simelane esisazobuye sixoxe ngaye.Babebabili oMaKhumalo eNgwenyameni uMswati wesibili,omunye kwakunguLaMagadlela(uNdlunkulu uNandzi ka Magadlela wakithi eMbhuleni,naye esisazobuye sixoxe ngaye).INdlovukati yakithi eNkhanini yiyona eyabe inkulu emakhosikazi eNgwenyama uMswati wesibili futhi yiyona okwakufanele kuphume kuyona uMntwana owayezobusa ngemuva kweNgwenyama uMswati wesibili.INdlovukati yakithi eNkhanini impela yamthola uMntwana womfana owayenguZinyobulala ogama lakhe kwakunguLudvonga,owaganwa uMdvumo Mthimkhulu.Nguyena uLudvonga owayekhonjwe yiQoqo ukuba abe yiNgwenyama,kodwa ngeshwa wakhothama ngo1872.Kuthiwa wafakelwa ushevu ekudleni.Kuthiwa kwathi lapho uLudvonga esekhotheme iQoqo labe selicela uLaMgangeni ukuba akhethe enye indodana phakathi kwamadodana eNgwenyama uMswati wesibili eyayizoba iNgwenyama,kuthiwa wakhetha uMntanenkosi uMbandzeni owagcina ehlezi impela esihlalweni sobukhosi kusukela ngo1875 kuya ku1889.UMdvumo wagcina engenwe iNgwenyama uMbandzeni ,wazala ingane yomfana ogama layo kwakunguMdzabuko.Kuthiwa iNdlovukati uLaMgangeni yakhombisa ukumthanda kakhulu uMntanenkosi uMdzabuko.Kwathi kusenjalo kwezwakala izindaba zokuthi naye uMntanenkosi wayesevele washona ngendlela eyayingacaci.Kuthiwa iNdlovukati uLaMgangeni yasola iNgwenyama uMbandzeni ngokushona kukaMntanenkosi uMdzabuko.Kuthiwa lezo zinsolo zagcina zifinyelele ezindlebeni zeNgwenyama uMbandzeni engazange imchithele sikhathi uLaMgangeni.Ngokusho kuBaba uSibusiso Nyembezi encwadini yakhe esihloko sithi “Izibongo zamakhosi”uthi uLaMgangeni wakhothama ebulawa yimpi yeNgwenyama uMbandzeni.

 

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo