Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

 

Umlando umfushane ngesibongo sakwaGudazi

Umlando umfushane ngesibongo sakwaGudazi Ngiyakhuleka eMantungweni,nina abakaSibopha sishomo singumquba kubo kwaSokhumalo.UMzilikazi ka Mashobana owazihlaba zema ngomgobo kwaGqokli!Abantu bakwaGudazi esibathola kakhulu eThekwini kanye nakwaDukuza,basengabantu bakwaKhumalo.Kuthiwa ngaphambilini laba bantu babezinze endaweni yakwaCeza.Ngenxa yezimpi ezazidlange kakhulu ngaleso sikhathi bagcina belifulathele elakwaCeza basingiza amabombo ezansi.UGudazi lona okwaqanjwa ngaye isibongo kuthiwa wabe eyidodana ka Shovane ka Ngeshu.Kuthiwa uGudazi wayesaphila ngesikhathi sokubusa kweSilo sakithi oNdini... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNdlovukati uNandzi Khumalo yakitsi eMbhuleni

Umlando ngeNdlovukati uNandzi Khumalo Lishonile boNgwane labahle ,ake siphose itshe eSivivaneni ngeNdlovukati yakithi eMbhuleni iNdlovukati uNandzi Khumalo.Umuzi waseMbhuleni wabe ungoweNgwenyama uMswati wesibili,wawakhe buqamama negquma iDlomodlomo kwaManzana,endaweni eyayaziwa ngokuthi kuse Badpla... qhubeka ufunde »

INdlovukati uSisile ka Mgangeni Khumalo yakithi eNkanini(eNkhanini)

INdlovukati uSisile ka Mgangeni Khumalo yakithi eNkanini(eNkhanini) Kusile noNgwane labahle,ngethemba nivuke kahle nonke.Esithombeni nguDade uNqobili Nunu Khumalo onguMlingisi ,wake wadlala kwiScandal.Nathi eMantungweni sake saba bakhulu embusweni wakwaNgwane.Sasinayo nathi iNdlovukati ,leyo Ndlovuk... qhubeka ufunde »

Ukuchazwa kwezibongo zenkosi uMzilikazi eziphathelene nokukhothama kwayo

Ukuchazwa kwezibongo zenkosi uMzilikazi eziphathelene nokukhothama kwayo  Enhla nasezansi ngiyawabingelela wonke aMantungwa ka Mbulazi.Ezibongweni zenkosi uMzilikazi ngasekugcineni kwazo kunezinhlamvu ezithi”Yadilika iNgome yengama iNgama,Ntaba zeNtumbane naMathopho niyadela,ngokuzibula ngethambo... qhubeka ufunde »

Umlando ngoCecil John Rhodes

Umlando ngoCecil John Rhodes   Nina beSilo nanso-ke leyo ndoda yoMngisi uCecil John Rhodes okwaqanjwa ngayo izindawo eziningi lapha eAfrika kuhlanganisa namazwe amabili iRhodesia osekuyiZimbabwe namuhla kanye neNorthen Rhodesia osekuyiZambia namuhla.Kukhona neNyuvesi iRhodes eKapa nayo eyaqanjwa ng... qhubeka ufunde »

Inkosi uMzilikazi ibulala amakhosi akwaNdebele

Inkosi uMzilikazi ibulala amakhosi akwaNdebele Ngenkathi inkosi uMzilikazi ifika lapho sekuseGauteng khona namuhla isuka eKuphumuleni lapho sekuseErmelo khona namuhla yafika yakha umuzi waseNkungwini,eyawakha ngo1827. Lo muzi wawakhe lapho sekwakhiwa khona iNxanxathela yezitolo iWonderboom Juction e... qhubeka ufunde »

Umlando ngaMantungwa akwaCosa

Umlando ngaMantungwa akwaCosa Abantu bakwaCosa sibathola bethe cithi saka esifundazweni saseMpumalanga Koloni.Laba bantu bangabeSenge likaMdletshe ka Langa .ULanga lona wabe engenye yamadodana ka Khumalo. Uzalo lukaMdletshe ka Langa lwaziwa ngokuthi luyiMidletye,nasiya isizwe laphayana eMdletyeni eT... qhubeka ufunde »

Umlando ngoGwayilana ka Sigabade Moyo(Mhlanga)

Umlando ngoGwayilana ka Sigabade Moyo(Mhlanga) Mantungwa amahle nina bakithi eNdinaneni,ake sibheke umlando weqhawe lakwaMhlanga uGwaliyana ka Sigabade Moyo(Mhlanga).Nina beSilo esibongweni sakwaMoyo kukhona ingxenyana yaso eyaziwa ngokuthi ingekaSigabade.Leyo ngxenye kahle -hle ingeyakwaMhlanga ngo... qhubeka ufunde »

Isiqephu sesibili sokuchazwa kwezibongo zenkosi uMzilikazi ka Mashobana

Isiqephu sesibili sokuchazwa kwezibongo zenkosi uMzilikazi ka Mashobana Mantungwa amahle ake sibheke izibongo zenkosi uMzilikazi ka Mashobana ezithinta isigameko saseNtabazinduna lapho inkosi yabulala khona izinduna zayo okubalwa kuzo noNdunankulu uGundanekumitha Ndiweni.Isizathu sokubulawa kwalezi zinduna kwaba wukuthi zazibeke uMntanenkosi uNkulumana ka Mzilikazi inkosi yona isaphila.Lokho kwenzeka ngoba inkosi yayisadukile,ingaziwa ukuthi yayikuphi,noma yayisaphila na?Lezi zibongo zithi “UB... qhubeka ufunde » read more

Umlando ngoMntanenkosi uZimfamona ka Lobhengula Khumalo

UMntanenkosi uZimfamona ka Lobhengula Khumalo Nina beSilo esithombeni nguMntanenkosi uZimfamona Khumalo,indodakazi encane yenkosi uLobhengula.Le nkosazana yakithi kuthiwa yiyona eyabe iwuThumbu wenkosi uLobhengula ezinganeni zamantombazana.Kuhlawumbiselwa ukuthi yayizalwe ngeminyaka yama 1880s.Yethi... qhubeka ufunde »

error: Content is protected !!