Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

 

Umlando ngoMkhithika Thebe

UMhlonga kaNkotshana Thebe wayebuye aziwe ngelikaMkhithika Thebe. Le nsizwa yayiqhawe elikhulu lenkosi u-Mzilikazi kaMashobana.  UMkhithika Thebe wabamba elikhulu iqhaza ekwakhiweni kwesizwe sikaMthwakazi okuyisizwe esakhiwa yiNkosi uMzilikazi kaMashobana Khumalo. Nansiya isizwe eNingizimu yezwe laseZimbabwe.  UMhlonga wayesebuthweni elalaziwa ngokuthi ‘Amnyama angenkomo’ Leli butho laliholwa insizwa yaseMangweni uGundanekumitha kaNdlovu waseMangweni. Laba bantu bakwaThebe engixoxa ngabo kusengabantu bakwaSithebe , uSithebe wayengowakwaNdwandwe. Kukhona abanye oThebe abatholakala... qhubeka ufunde »

ONdlunkulu beNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana

(UNdlunkulu u-Lomawaka Nxumalo ) ULomawaka  Nxumalo wazala u-Mntwana u-Nkulumana wazala uMntwana uNkulumana , kuhlawumbiselwa ukuthi uNkulumana wazalelwa esigodlweni saseKuphumuleni esasakhe lapho sekuseErmelo khona namuhla. UMntwana u-Nkulumana welanywa intombi u-Zinkabi eyagana iqhawe lakwaMasuku... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uMahlahleni kaMzilikazi

UMntwana uMahlahleni Khumalo wayeyindodana yeNkosi u-Mzilikazi kaMashobana.Wayezalwa uNdlunkulu weNkosi uMzilikazi uMaZondo waseMgugudwini . EMgugudwini kwabe kungenye yemizi yeNkosi uMzilikazi. Eminye imizi yeNkosi uMzilikazi kwakuseMhlahlandlela, eNdinaneni, oJingeni , eMkhwahla kanye neminye. Uyi... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaNkuna

Umlando ngesibongo sakwaNkuna Abantu bakwaNkuna baphuma kubantu bakwaKhumalo.Isizwe sakwaKhumalo ngesikhathi seNkosi uDingiswayo sasakhe eBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika koNondweni. Inkosi uMagugu ka Gasa eyayibusa abakwaKhumalo ngaleso sikhathi.Kuhambe kwahamba kwagcina kudaleke obunye ubukho... qhubeka ufunde »

Umlando ngedolobha lakwaBulawayo

  Idolobha lakwaBulawayo eZimbabwe kwangumuzi weSilo uLobhengula kaMzilikazi Khumalo . Umuzi wakwaBulawayo wakhiwa yiSilo  uLobhengula kaMzilikazi ngemuva kokudla kwayo umhlanganiso empini yaseNgazini . Empeleni iSilo uLobhengula waMawaba sawuguqula igama . Ngaphambi kokuba ubizwe ngoBulawayo ... qhubeka ufunde »

Umlando ngoGampu ka Maqhekeni Sithole

IsiZulu sithi ‘ukhuni luzala umlotha’ nokuchaza ukuthi umuntu akazizali noma ngithi akuvamile ukuthi ingane ifuze abazali ngezenzo . Sibuye sithi ‘ukhamba lufuze imbiza’. Lapho-ke kusuke kukhulunywa ngengane efuze nse umzali wayo ngezenzo. UGampu wayezalwa iqhawe likaMthwakaz... qhubeka ufunde »

Umlando ngoLotshe no Mbambelele Mtshali

Umlando ngoLotshe noMbambelele  Mtshali Lezi izinsizwa zaseMantshalini ezazakhela amagama ngesikhathi sikaZwekufa(De Mfecane Wars) . OLotshe noMbambelele kwakungamadodana kaHlabangane kaKhondlo Mtshali ,sengathi nguLotshe owayemdala . Lezinsizwa zazigqishe noMzilikazi kaMashobana ngesikhathi sikaZw... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMhabahaba Mkhwanazi

Umlando ngoMhabahaba kaNkwali waBakhwanazi “UMafukula owafukula kwakhwabitha iNkosi! UGwagwa liyagwagwa umbane wezulu! Wena owaciba ngomkhonto kwaphepha iNkosi yabeNtungwa “ Lezi izihasho zikaMhabahaba indodana kaZama kaBebesi wakwaMkhwanazi . UMhabahaba wayengelinye lamaqhawe kaMzilikazi Khumal... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMagqekeni ka Magogo Sithole

UMagqekeni kaMagogo iqhawe lakwaSithole UMagqekeni ungomunye wabantu abawunothisa kakhulu umlando wabakwaSithole . Le nsizwa yabe iyisethenjwa nesilomo esikhulu seSilo saseMhlahlandlela iSilo uMzilikazi kaMashobana ,yayibuye ibe yinduna yomuzi waseGabeni owawakhe eTswenyane , eNorth West lapho kwake... qhubeka ufunde »

Umlando ngoRobert Moffart (uMtshede)

UMtshede [Robert Moffart] UMngisi uRobert Moffart wayengumngane omkhulu weNkosi yabeNtungwa nabeThwakazi inkosi uMzilikazi kaMashobana Khumalo. URobert Moffart wazalelwa kwelamaNgisi endaweni yaseOmiston ,East Lothian ,eScotland ngowe-1783 [Kodwa uWikipedia uthi wazalwa ngowe1795].Le nsiwa yakwaMoff... qhubeka ufunde »

error: Content is protected !!