Kithi eNdinaneni
Umlando ngemvelaphi yamaNtungwa

 

Idlinza leSilo uMzilikazi ka Mashobana

Nali idlinza le Ngonyama yakithi uMawela (uMzilikazi) ,lisesicongweni sentatshana iNtumbane endaweni yaseMathopho buqamama nedolobha lakwaBulawayo eZimbabwe. Idolobha lakwaBulawayo lona kwabe kungumuzi weSilo uLobhengula kaMzilikazi ,hhayi oweNgonyama uMawela . INgonyama uMawela kuhlawumbiselwa ukuthi yayizalwe ngowe 1790 eMkhuze kwaZulu, yakhothama ngowe 1868 khona endaweni yaseMathopho . Igama elithi ‘amathopho” lisuselwa egameni lesiLozi elithi ‘matombo’ nokuyigama elisho amatshe ngesiZulu .  ISilo sakithi sazithola sesiphila nenye yengxenye yabaLozi eyaziwa ngokuth... qhubeka ufunde »

Uhla lwamabutho eSilo uMzilikazi

Amagogo  Induna yaMagogo kwakunguMaqhekeni wakwaSithole . Leli butho uMaqhekeni wayeliqambe ngoyise uMagogo Sithole owasala empini yaseNtumbane ngenkathi kulwa uZulu naBaNtungwa ngaphansi kweNkosi uMzilikazi . UMaqhekeni wayegqishe neNkosi uMzilikazi . 2. Amatshetshe Induna yaMatshetshe kwakunguSif... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaChauke

Abantu bakwaChauke bayisizwe esikhulu esitholakala kakhulu eMozambikwe nokuyilapho ubukhosi baso busazinze khona . Laba bantu bakwaChauke babuye batholakale eNingizimu Afrika koGiyane,Tzaneen ,Thulamahashe koThoyando nakwezinye izindawo . Lesi sibuye sitholakale nasezweni laseZimbabwe koKezi ,koChip... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaNyandeni

Umlando ngesibongo sakwaNyandeni Abantu bakwaNyandeni babekade bengabaNtungwa bakaMbulazi ngokobuzwe ,bengabakwaKhumalo.UNyandeni okwaqanjwa ngaye isibongo wabe engenye yamadodana kaMashobana ,engumnewabo Mzilikazi,Nzeni,Ntshembeni nabanye. Isibongo sakwaNyandeni sakheka ngemuva kokuba kuxoshwe u-Ny... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaMlilo

Abantu bakwaMlilo bangabozalo lukaMabaso indodana kaMntungwa kaMbulazi . Enye indodana kaMntungwa kwakunguKhumalo . UMabaso wazala abakwaMabaso ,kwathi uKhumalo wazala abakwaKhumalo . Ngakho-ke abakwaMlilo singakusho singananazi sithi nabo bangaMantungwa njengabo abakwaMabaso nabakwaKhumalo . Laba b... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaShembe

    Umlando ngesibongo sakwaShembe  Abantu bakwaShembe bangaMantungwa akwaNhlanzi.Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaShembe nguSokhabuzela kaNyathikazi owazala uMzazela owazala uNhliziyo owazala uMayekisa owazala inkosi uShembe (uMqaliwendlela).Ngesikhathi senkosi uSenzanzang... qhubeka ufunde »

ISigwagwagwa (Maxim Gun 37mm)

  Nanso-ke iSigwagwagwa uhlobo lwesibhamu olwenziwa amaNgisi ngowe 1888 ,lwasetshenziswa okokuqala ngqa empini yamaNgisi noMthwakazi ngowe 1893. ISigwagwagwa ngesiZulu saphesheya sibizwa ngokuthi yiMaxim Gun (37mm). UMthwakazi isizwe esakhiwa iqhawe lakwaKhumalo uMzilikazi kaMashobana kaZikode ... qhubeka ufunde »

UMntwana uNyamande kaLobhengula

    Nango-ke uMntwana (Prince) uNyamande kaLobhengula kaMzilikazi Khumalo . Le nsizwa ikhumbuleka kahle kakhulu ngempi yeHloka lapho yadidiyela khona impi yaBathwakazi eyayilwa namaNgisi kaLozi . Le mpi yaholwa ngowesifazane uLozikheyi Dlodlo owabe eyiNkosikazi endala yeSilo uLobhengula ka... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaKhumalo

Umlando ngesibongo sakwaKhumalo Abantu bakwaKhumalo bangaMantungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni , babuye babe ngaMantungwa kaMbulazzi ngokobuzwe .Lesi sibongo sakwaKhumalo siyindlu encane yaMantungwa kaMbulazi , indlunkulu eyakwaMabaso.UMntungwa indodana kaMbulazi wabe enamadodana amabili,uMabaso ka... qhubeka ufunde »

Izithakazelo nomlando wakwaMabaso

Izithakazelo nomlando wakwaMabaso Abantu bakwaMabaso  bakwaMabaso bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni ,babuye babe ngabeNtungwa ngokobuzwe ngesizathu sokuthi ukhokho wabo enguMntungwa kaMbulazi .UMntungwa wayenamadodana amabili,uMabaso owabe eyindlalifa kanye nomnawakhe uKhumalo owazala aba... qhubeka ufunde »

error: Content is protected !!