Izintaba zaMatobo

Uxhaxha lwezintaba zaMathopho.

Izintaba zamaMatobo 

Izintaba zaMatobo uxhaxha lwezintaba olutholakala endaweni ebuye ibizwe ngegama elifanayo okuthiwa kuseMatobo eNingizimu yezwe laseZimbabwe.Igama elithi ” amatobo” lisuselwa egameni elithi ” matombo” nokuyigama elichaza amatshe ngokwezilimi isiKhalanga, isiShona, isiVenda kanye nezinye.Kuthiwa iNkosi  uMzilikazi yathi uma ifika kuleya ndawo yaseMatobo yayithanda kakhulu yaze yakha nomuzi wayo waseMhlahlandlela iNduna yawo okwakunguGwabalanda Mathe.Yase ibuza kwababehlala khona ukuthi yini igama laleya ndawo.Kuthiwa abantu baphendula ngokuthi kuseMatombo( eMatsheni).Yase ithi iNkosi uMzilikazi yona leya ndawo izoyibiza ngokuthi kuseMatobo.Kuze kube namuhla yaziwa ngalo lelo gama,kukhona kodwa abathi kuseMatopo.Ziningi izintaba ezitholakala kuleziya ntaba zaseMatobo.Singabala intaba iNtumbane nokuyilapho kutshalwe khona iNkosi uMzilikazi,intaba uBhambatha,intaba uMalindindzimu kanye nezinye.Intaba uBhambatha yaqanjwa iNkosi uMzilikazi igama layo.Intaba uBhambatha ijule kakhulu ngendlela eyisimanga . Ingenye yezintaba ezikuloluya xhaxha lwezintaba abantu bendawo abakholelwa ekutheni zibusisa abantu ngezimvula.Kuthiwa kulula impela ukugibela entabeni uBhambatha,umuntu engayiqombola impela aze ayofika esicongweni sayo.Kodwa uma esehla kufanele ayincenge ngokuyibhambatha ngesandla esesicongweni sayo.Ngaphandle kokwenze njalo kuthiwa uyeduka impela umuntu angiphinde abonwe.Kuyileso sizathu-ke yaqanjwa lelo gama.Intaba uBhambatha isabhambathwa nanamuhla uma uzokwehla kuyo.Ezibongweni  zeNkosi uMzlikazi kunezinhlamvu ezithi ” Ntaba zeNtumbane naMathopho niyadela,ngokuzibula ngethambo laBeNtungwa ! Nize niliphathise okwezikhali zoYisemkhulu”INkosi uMzilikazi yaba ngelinye lamaQhawe agqama kakhulu ngesikhathi soMfecane. Isikhathi soMfecane yisikhathi seminyaka yama 1800s lapho aMakhosi ayehlaselana khona ngenhloso yokubumba isizwe esisodwa.UMfecane wawuqale kudala impela ngesikhathi saMakhosi afana nawawoDingiswayo Mthethwa,nawawoPhungashe Buthelezi kanye namanye.INkosi eyagcina idle umhlanganiso ngesikhathi soMfecane yiNkosi uShaka Zulu eyakha isizwe samaZulu nokuyisizwe esisamile nanamuhla ngaphansi kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu.  INkosi uMzilikazi nayo yazakhela igama ngokubumba isizwe esibizwa ngokuthi uMthwakazi nokuyisizwe esitholakala namuhla eNingizimu yezwe laseZimbabwe.Lezibongo zeNkosi uMzilikazi ezingenhla zichaza ukuthi iNkosi uMzilikazi ingeyokuqala ukutshalwa kuleziya ntaba zaMatobo.Kuyileso sizathu iMbongi yafaka igama lokuzibula . IMbongi yathinta igama lokuzibula ngoba kwabuye kwatshalwa noCecil John Rhodes kulolu xhaxha lwezintaba.

Ake ngime lapho okwanamuhla

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo