Kithi Endinaneni

Umlando ngoMntanenkosi uMahlahleni ka Mzilikazi Khumalo

Umlando ngoMntanenkosi uMahlahleni ka Mzilikazi Khumalo  UMntanenkosi uMahlahleni wayeyindodana yenkosi uMzilikazi,ezalwa esigodlweni saseMgugudwini,unina kunguMaZondo udadewabo wenyanga yenkosi uMzilikazi uGulukudwana Zondo.Isigodlo saseMgugudwini sasakhe eduze nalapho sekwakhiwe khona idolobha laseNyathi.Kuleyo ndawo kwakwande izihlahla zoMgugudu okuwuhlobo lwezihlahla oluhle kakhulu ekwakheni impahla yoKhuni.Kuthiwa uMahlahleni lona wayeyiPhisi,ethanda ukuzingela efuye nenqwaba yezinja ezazibukhali kakhulu.Kuthiwa kwathi ngenkathi sekubusa inkosi uLobhengula yaqala ukumngamthandisisi uMahl... qhubeka ufunde »

Izithakazelo zakwaNkosi-Ndlangamandla

Nina beSilo nazi izithakazelo zakwaNkosi-Ndlangamandla.Zimbili izibongo zakwaNkosi.Kukhona oNkosi -Ndlangamandla abazalwa kwaKhumalo.Bese kuba khona oNkosi baseSwazini abasekanye nabakwaDlamini(aMalangeni)  

Umlando ngesibongo sakwaKhulu.

Umlando ngesibongo  sakwaKhulu Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma!Ngethemba nisaphila nina beSilo.Esithombeni nguBaba uMoran Samora Khulu oyengumdlali webhola owadlelela neqembu elikhulu iKaizer Chiefs.UBaba uKhulu wayezalwe ngo1958 wedlula emhlabeni mhlaka 6 kuNcwaba 2008.W... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNdlunkulu uLoziba kaPhahlane Thebe

Umlando ngoNdlunkulu uLoziba kaPhahlane Thebe Ngiyakhuleka eMantungweni nina bakaSibopha sishomo singumquba kubo kwaSokhumalo.UMzilikazi ka Mashobana owazihlaba zema ngomgobo kwaGqokli.INjumbane eyadla uselwa lweNxwala yabhansela ngabasondezeli kwaNtabazinduna.ISidolofiya simnandi sehla esiphundu uz... qhubeka ufunde »

Umlando ngoAlfred Mkhonto Assegai Kumalo

Umlando ngoAlfred Mkhonto Assegai Kumalo  Nina beSilo esithombeni nguMkhulu uAlfred Mkhonto Assegai Kumalo insizwa eyayizalelwe eMalizibheki mhlaka 4 Masingana 1879 okuyinyanga okwalwa ngayo impi yaseSandlwana.Washona mhlaka 9 Zibandlela 1966.Le nsizwa yakwaKumalo yafunda eNuttall Training Institut... qhubeka ufunde »

Umlando ngesibongo sakwaPhenduka

Umlando ngesibongo sakwaPhenduka Abantu bakwaPhenduka baphuma kwaKhumalo esendeni likaMdletshe ka Langa wakwaKhumalo.Kuye uMdletshe kubuye kuphume nesizwe saseMdletyeni esitholakala eTsomo eMpumalanga Koloni.Esizweni saseMdletyeni sithola izibongo ezifana nesakwaPhukwana,esakwaTshangana,esakwaMgoqi,... qhubeka ufunde »

Umlando ngesibongo sakwaNyandeni

Nina beSilo nanku umlando ngesibongo sakwaNyandeni.Kulanda uBongukholo Khumalo    

read more

Umlando ngoNongila Mabaso

Mantungwa amahle nawe sizwe sikaMthaniya ngicela ningene kule Link engezansi nilalele umlando ngeQhawe laseMantungweni uNongila Mabaso,owabe eyiNhloli yakwaZulu.  

read more

Izithakazelo zakwaKhumalo

Izithakazelo zakwaKhumalo  Khumalo Mntungwa  Mbulazi   Ngicela uqedele ngokulalela kwiVido engezansi.  

read more

Umlando ngoMlotsha ka Siwela wakwaKhumalo

Umlando ngoMlotsha ka Siwela wakwaKhumalo Nina abeMbube eshoba liyisilikithi esithombeni umfowethu u Lucky Nkosi onguMsakazi.Isibongo sakwaNkosi sihlukene kabili,kukhona abakwaNkosi okusengabantu bakwaDlamini abanoBukhosi obukhulu eSwazini bese kuba khona abakwaNkosi abathakazela ngoMphazima okungab... qhubeka ufunde »

error: Content is protected !!