
uMbali Gudazi onguSomahlaya
Umlando umfushane ngesibongo sakwaGudazi
Ngiyakhuleka eMantungweni,nina abakaSibopha sishomo singumquba kubo kwaSokhumalo.UMzilikazi ka Mashobana owazihlaba zema ngomgobo kwaGqokli!Abantu bakwaGudazi esibathola kakhulu eThekwini kanye nakwaDukuza,basengabantu bakwaKhumalo.Kuthiwa ngaphambilini laba bantu babezinze endaweni yakwaCeza.Ngenxa yezimpi ezazidlange kakhulu ngaleso sikhathi bagcina belifulathele elakwaCeza basingiza amabombo ezansi.UGudazi lona okwaqanjwa ngaye isibongo kuthiwa wabe eyidodana ka Shovane ka Ngeshu.Kuthiwa uGudazi wayesaphila ngesikhathi sokubusa kweSilo sakithi oNdini,iSilo uCesthwayo.Ngokomthetho abantu bakwaGudazi akufanele baganiselane nabakwaKhumalo ngoba bangabandawonye.Esithombeni nguMbali Gudazi,onguSomahlaya.
Izithakazelo zakwaGudazi
Gudazi,
Khumalo,
Mntungwa ka Mbulazi,
Nina abakaDonda weZiziba,
Mzilikazi ka Mashobana,
Ndabezitha!
Inkosi ayiqedwa!
Khumu!