
iFefe.
IFefe inyoni ka Mzilikazi ka Mashobana
Mantungwa amahle ngethemba kuyaphileka enhla nasezansi.Le nyoni eniyibona isithombeni ibizwa ngokuthi yiFefe,ibizwa ngokuthi yi Lilac -breasted roller ngesiLungu.Ngokusho kukaRobert Moffart emqulwini yakhe uthi le nyoni yayikhonzwe kakhulu yinkosi uMzilikazi,ihloba ngezimpande zayo.Lena enye yezinyoni ezazithathwa njengezinyoni zaseBukhosini ngenxa yengxenyana yombala wayo oBukhwebezane(oPhephuli).Umbala oPhephuli wawuthathwa njengombala waseBukhosini.Nezikhulu zamaRoma nazo zazifaka imijiva ePhephuli.NeGwalagwala nalo linawo umbala oPhephuli.
Khumu!