
Esithombeni nguPapa,a Tshangana ongomunye wozalo lukaMdletshe Khumalo
Isibongo sakwaKhumalo singesinye sezibongo ezinkulu kuleli laseNingizimu Afrika. Lesi sibongo sidume ngesithakazelo saso uMntungwa ,okuligama leNzalabantu yaMantungwa, uMntungwa ka Mbulazi . UMntungwa ka Mbulazi wazala amadodana akhe oMabaso kanye noKhumalo. KuMabaso kuphuma abakwaMabaso, kuKhumalo kuphuma abakwaKhumalo. KuMabaso kwabuye kwaphuma nezinye futhi izibongo esingabala esakwaKhulu, esakwaHlanguza, esakwaJeza, esaNziane, esakwaChauke ,esakwaNdaba-Bhadela kanye nezinye. KuKhumalo kuphuma ezinye futhi izibongo, esingabala esakwaNyandeni, esakwaNkosi (Ndlangamandla), esakwaNyawose, esakwaMahlambi, esakwaGuliwe, kanye nezinye izibongo . Kuthiwa zingale kuka90 izibongo ezipha kuMntungwa ka Mbulazi . Uma ubukisisa kahle kulowo 90 , iningi lalezo zibongo zitholakala eMpumalanga Koloni. Kwazise lena kwelikaZanzolo kusetshenziswa iFani njengezibongo, iFani amagama oMkhulu noma woBaba .Ingxenye enkulu yaMantungwa aseMpumalanga Koloni iphuma esendeni likaKhumalo. UKhumalo imsebenzisa njengesithakazelo.
Aphuma kubani aMantungwa atholakala kwaXhosa.
Nina beSilo maningi kakhulu aMantungwa lena kwelikaZanzolo, iningi lawo liphuma kuKhumalo. Ingxenye enkulu yaMantungwa aseMpumalanga Koloni siyithola laphaya eMdletyeni , eTsomo, endaweni eyayikade ibizwa ngeTranskei ngaphambilini. Nalo igama le ndawo laqanjwa ngoMdabuli wesizwe saMantungwa akuleya ndawo , uMdletshe ka Langa ,ongahlangene noMdletshe wakwaMthethwa owazala abesibongo sakwaMdletshe . Kuthiwa uLanga wabe engenye yamadodana kaKhumulo . Kanti kukhona namanye aMantungwa khona kulesiya sifundazwe saseMpumalanga Koloni aphuma kuYengwayo naye okuthiwa wabe eyindodana ka Khumalo. Uzalo lukaYengwayo lubandakanya isibongo sakwaNkomo, esakwaNtshona, esakwaKuta, esakwaNsabula, esakwaNsaluba kanye nezinye. Kule Post sibheka kakhulu uzalo lukaMdletshe, sizobuye silubheke olukaYengwayo nalo oluthe cithi saka kuso sonke lesiya sifundazwe. UMdletshe lona kuthiwa wagcina esezinze kwaXhosa, endaweni eyaziwa namuhla ngokuthi kuseTsomo. Leyo ndawo yayikade ibizwa ngeTranskei ngaphambilini . Indawo lapho kwakwakhe khona uMdletshe namuhla yaziwa ngokuthi kuseMdletyeni, khona eTsomo. Yaqanjwa ngaye.Kukhona noBukhosi bamaNtungwa khona kuleya ndawo. Kubusa aMantungwa esibongo sakwaPhukwana kanye nesakwaTshangana.EMdletyeni kubusa inkosi uZamukulungisa Phukwana. Kanti khona eTsomo buqamama nakhona eMdletyeni kukhona uBukhosi bakwaTshangana , khona-ke kubusa inkosi yakwaTshangana esengililibele igama layo. Ngokomlando oxoxwayo kuthiwa uPhukwana ,uTshangana kanye noSijemlana babe bengamadodana ka Mdletshe ka Langa. Nabo bagcina bezale ezinye izibongo. Ngenxa yoFuduko olunye uzalo lukaMdletshe namuhla siluthola nakoFleyistata koBloemfontein, nakoQwaqwa. AmaNtungwa aseMpumalanga Koloni athakazela ngoMdletye ka Langa,Khumalo, Sechaba, Dubandlela, Noyila, Mntungwa njalo njalo. NguMdletye abamgqamisa kakhulu ezithakazelweni zabo. Nazi ezinye zezibongo eziphuma kuMdletshe ka Langa
-Phukwana
-Tshangana
-Sijemlana
-Tjemolana(laba bona bayatholakala nakoBloemfontein ,Qwaqwa naseLesotho imbala
-Ndlungwana/e
-Manzana (bayatholakala nakoNyukhasela)
– Macozoma(batholakala kulo lonke laseMpumalanga Koloni)
-Ndlovu (hhayi oGatsheni)
-Ngwane(hhayi oMatiwane)
-Sobuza
-Sobekwa
-Mgoqi
-Jini
-Makhabeni
-Ntungwa
-Ntungwana
-Tshingelane
-Khamteni
-Mdingi
-Tshumsila
-Fenge
-Matyihila
-Bingwa
Ziningi nina beSilo bathi zingale kuka 70 ,ake ngime lapho okwanamuhla. Zonke lezi zibongo ziphuma kuMdletshe ka Langa.
Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”