
UMlingisi uMduduzi Mabaso.
Izithakazelo nomlando wakwaMabaso
Abantu bakwaMabaso bakwaMabaso bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni , babuye babe ngabeNtungwa ngokobuzwe ngesizathu sokuthi ukhokho wabo enguMntungwa kaMbulazi .UMntungwa wayenamadodana amabili,uMabaso owabe eyindlalifa kanye nomnawakhe uKhumalo owazala abakwaKhumalo.Ngakho-ke abakwaMabaso bayindlunkulu yabeNtungwa .Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaMabaso nguye uMabaso uqobo lwakhe owayakhe endaweni yaseMatshensikazi,eNkandla .Mibili imibono mayelana nokuqambeka kwendawo yaseMatshensikazi.Umbono wokuqala uthi igama elithi ‘Matshensikazi’ kwabe kuligama lomuzi kaMabaso.Owesibili umbono uthi leya ndawo yaseMatshensikazi yaqambeka ngesimo samatshe amabili amise okwabantu basifazane . Uyaqhubeka umbono wesibili uthi lawo matshe kwabe kungamakhosikazi kaMabaso awakhomba ngenjumbane ngemuva kokuwabhadama ephinga.Kuthiwa wawakhomba ngenjumbane avele aguquka aba ngamatshe amabili amise okwabantu besifazane .Asazi-ke ukuthi umuphi umbono oyiqiniso phakathi kwale mibono emibiliUMabaso wazala inkosana yakhe uMangethe , owazala uMthiyane,owazala u-Ndaba ,uLanga nabanye.UNdaba wazala uVezi owazala uHlanguza[owazala abakwaHlanguza].UVezi wabuye wazala uLamula owazala uNyathi .UNyathi wazala uNkathazo noNongila.UNkathazo wazala uDenjane owazala uHwanqa.UNongila wazala uJantshi .
UDenjane kanye noYiseomncane uNongila babamba elikhulu iqhaza ezimpini zakwaZulu,babekhona futhi nakweyaseSandlwane kanye nakweyaseNdondakusuka nokuyimpi eyabe iphakathi kwaBantwana oCetshwayo kanye noMbuyazwe bakaMpande . Bobabili oNongila kanye noDenjane balwa ngasohlangothini lukaMntwana uCetshwayo kaMpande nokuwuhlangothi olwadla umhlanganiso .UNongila wabe eyinhloli enkulu yamakhosi akwaZulu kusukela enkosini u-Senzangakhona kuze kube seSilweni u-Cetshwayo kaMpande .Ubunhloli bakhe wayebuqale enkosini uSenzangakhona kaJama .Waba yingxenye yethimba elaphikelela kwaMthethwa lisuka kwaZulu liyolanda uMntwana uShaka ukuba azoxoxisana noYise u-Senzanzangakhona mayelana nobukhosi bakwaZulu.Kwathi lapho ubukhosi bakwaZulu buthathwa yiNgonyama u-Shaka uNongila waqhubeka eyinhloli yakwaZulu .Nguyena u-Nongila owahola izinhloli zakwaZulu ezaphikelela kwaXhosa ukuyobheka okwakwenzeka kwaXhosa ngoba amaNgisi ayeseqalile ukuhlasela amaXhosa ngaphansi kweKumkani uZanzolo (uHinsa kaKhawutha).Nayo iKumkani uZanzolo yakhothama ibulawa yiwona amaNgisi .Ah! Zanzolo! Kwathi ngenkathi uZulu elwa namaNgisi eSandlwane uDenjane kanye noYiseomncane u-Nongila balwa ngokukhulu ukuzikhandla .Kuiyilapho uDenjane athola khona izihasho ezithi ‘unguMdumazi wamaNgisi eSandlwane‘.UHwanqa wazala u-Magambukazi , uFaku,uMcwana noNgudubana.UFaku wazala u-Ngubhane owazala uMzakuza owazala u-Peni owazala uMthukutheli owazala uMphili owazala uVimba owazala inkosi uSipho
Izithakazelo zakwaMabaso
Ndabezitha wena wendlovu!
Mntungwa, wenaKaMbulazi!
Udle izimfe zambili
Kwaphum’ikhambi lalinye.
Nina enithi nidla,
Nibe niyeng’umuntu ngendaba,
Nina enehla ngesilulu
Abafokazana behla ngezinyawo,
Nakhomb’udwendw’ematshensikazi naluqhoqhobala
Nathi lala vuka litshe
Mabaso,Nkonyeni
Wena kaNxanxa, kaGumalankande
Wayengadela noNgobe ngaseMadletsheni
Ubengash’sindlu kaDunganankomo,
Ubengashis’indlu kaNqaba yezinkomo nekaNozijula
Mabaso wen’owabas’entabeni
Kwadliw’ilanga lishona
BaNtungw’abancwaba,
BaNtungw’abaluhlazana,
Mabaso , Mntungw’omuhle, Majojola
Nina bakaJoj’ozitshwikili
Izinsiba zendwakazi
Nina bakaLusiba kalukhothami,
Lungakhothami ngisho nasezindlwaneni
Nadl’iNkankane likaVezi kaNdaba
Ubekad’emuphe ngayizolo
Uthe ukumupha kwakhe wayembothozolela
Ndabezith’omuhle,wena kaMkhanzomuhle, kaNdleleni
Zivulele Mdluli kaNdaba
Bakubizile Nkosi
Bakubize ngothathawe
Obelumaziny’azinqindi
Bakubize ngoKhothe Ntshangase
Ubungithumile Mntungw’omuhle
Ibungithume kuSinqindi waseMayezeni
Ngifike ngalibala Mntungw’omuhle
Ngilitshaziswe yiNgog’ebukekayo
Ngama, ngajama
Kant’iNtothoviyane
UMshumanda wawoVezi
Usiba lweNtwengu nolweNtwengukazana
Nyath’emnyama kaLudwala
Maqhaqhazela kaDlomo
UPhondo lwezibhed’olubangwayo
Engani luze noNoklolobela
UbengowaseMagozeni
Wamshiy’uMumbomunye
Wathi khona bezolalelana
Nina bakaLamula kaVezi
Ungal’usindw’ukuzilamula
Nina bakaVezi kaNdaba
Nina bakaMangeth’omnyama
Mabaso ndlov’enamandla
Zindlov’ezimacocombela
Bantwana beNkosi
Ndabezitha, Mntungwa
Nina bakaMpukane zakhona
Zabe ziluhlaza mlomo
Amadod’akhona abulawa ukuhlengezela
Zalukazi zakhona, zabulawa ubeshe
Nina bakaDenjane
UMdumaz’wamaNgisi kweliphesheya
Nina bakaNongila
Omephezukwescongo seSandlwana
Zintaba zokhahlamba benikuphi na?
Yiwo lamakhahlambana
Wehl’okaNdaba kwethukel’uThukela
Nina bakaHwanqa kaDenjane
Nina bakaMgodini kaDenjane
Nina bakaMagamb’odlabantu
Nina bakaFaku
UFohl’odl’amathole
Ayengawasensingweni
USqhwag’umaphul’uPhondo
Ndabezith’omuhle
Mntungw’omuhle, wena kaMbulazi
Ndabezitha!
Umlando ngoTogu, Ngconde
Mina ngifisa ukwazi ihubo lakwaMABASO
Ufuna ngibhale izinhlavu zalo phansi?
Ngifisa ukwazi ihubo lakithi kwaMabaso,kuyangidabukisa ukuzitholangazi awezinye izibongo ngingalazi elakithi uqobo
Iya ngiyezwa ngifunde lukhulu mina ngesingami vele intokazi yakwa Khumalo angithandani nayo lezi ezinye isibongo bengingazazi umuntu ufunda aze afe 🤭ithi angabankulu angabe isazekeka ngiyasnega.Themba Bhekamantungwa Mabaso uMfanna webhinca kant unina iKholwa🤙
Ndabezitha
Ya kumnandi ukuzwa ngemvelaphi yomuntu ikakhulukazi ngezibongo sakho.Mina ubaba ongizalayo uGawini elinye uMahoyi wakwa Mabaso kanti mina ngingu Thembalamantungwa Bhekamantungwa Mabaso ngibe ngizela intombi yaseBheleni eyikholwa ubaba iBhinca laseLenge isigodi iNzimane👏
Ngifuna ukwazi ngomlando wakwaZiqubu
Ngifisa ukwazi ngomlando wakwa Nkomo
syabonga wena ka Magugu angasoya ndawo mina ngizikhonzele izibongo uma unazo eza Nongila beno Denjane ngyazicela noma ezamanye amaqhawe
Ngizokucelela kuBhuti Celani wena ka Mashobana