
uMdwebo wenkosi uMzilikazi ka Mashobana.
Ukuchazwa kwezibongo zenkosi uMzilikazi ka Mashobana isiqephu sokuqala
Mantungwa amahle ake sibheke izincazelo zezibongo zenkosi uMzilikazi ka Mashobana.
1.INkanyamba emakhandakhanda,iNkanyamba emahlule yalokaLanga
-Lezi zibongo zichaza ukuthi yabe iyingozi kakhulu inkosi uMzilikazi.INkanyama wuhlobo lwenkonyaka oluhlala oLwandle,eSizibeni noma eDamini.Kuthiwa uma luke lwaphuma emanzini kuye kuqubuke iziphepho ezibizwa ngokuthi ‘amaHuriccanes.Lezo ziphepho zivamiswe ukubizwa ngamagama abantu besifazane.Njengoba kwakhe kwaba khona uHuriccane El Nino,uHuriccane Katrina,uHuriccane Dineo,kanti kamuva ngo2024 kuqubuke uHuriccane Helene.INkanyamba ibuye yaziwe ngoMningi.Liyavela futhi igama loMningi ezibongweni zenkosi uMzilikazi uma kuthiwa “uMningi kawawuvusanga umhlwenga,uMningi kaligebisa ikhanda,ukuba waligebisa kwakuqubuk’udaka,ayeyosala dengwane amaShona emafukwini”.Ngenkathi inkosi uMzilikazi ifika kwaMthwakazi ayizange iwahlasele amaShona.AmaShona ahlaselwa ngamakhosi andulela inkosi uMzikazi kwaMthwakazi.Amakhosi afana nawawo Zwangendaba Jele,awawoSoshangane Nxumalo kanye nawawoNxaba kaMbekane.
2.IWundlu elizile iziMbube,laphukela iziMbube.Inyanga engalilanga,lona linguMntshingo ubethwa zinyoni.Ethe ukugcwala kweSikabhadakazi,yasinelwa zinkanyezi zeZulu.Isinelwe iNkwenkwezi neSandulela,kwalilizela iSilimela neSicalankobe.
-Lezi zibongo zisho ukuthi inkosi uMzilikazi yenqaba ukuba ngaphansi kwamakhosi amakhulu afana nawawoZwide kanye nawawoShaka.IWundlu yiChwane leDuna leBhubesi,kanti iMbube inkunzi yeBhubesi.Igama elithi iMbube kuye kuhlonishwe ngalo amakhosi amakhulu,afana neSilo sakithi eNaleni iSilo uMdlokombane.Kulezi zibongo igama leMbube limele amakhosi afana nawawo Zwide nawawoShaka.EleWundlu lona libhekiswe enkosini uMzilikazi.Igama elithi iWundlu kuye kubizwe ngalo uMntwana (Prince) ozalwa ebukhosini.
Khumu!