
UDoctor Khumalo.
Izibongo eziphuma kuMntungwa ka Mbulazi
Nina beSilo ake sibheke izibongo eziphuma kuMntungwa ka Mbulazi.Amadodana kaMntungwa ka Mbulazi agqama kakhulu emlandweni uMabaso kanye noKhumalo.UMabaso ka Mntungwa uzala abakwaMabaso,bese uKhumalo ka Mntungwa yena azale abakwaKhumalo.Enye indodana kaMbulazi kwakunguMthiyane ozala abantu baseBaThiyaneni,esingabala kubo abakwaSokhulu,abakwaMthiyane,abakwaZondo kanye nabanye.Uzalo lukaMthiyane lwasondelana kakhulu nozalo lukaKhumalo,ngenkathi abakwaKhumalo bezinze eNondweni aBathiyane basuka kwelaseNondweni bayokwakha ngaseMfolozi emnyama lapho kwakhe khona isizwe saBaThethwa.Ukuxhumana kwaMantungwa naBaThiyane kubuye kufakazelwe nayiNduku iNqayi.INqayi isihlahla esinezinhlobo ezimbili,kukhona iNqayi elimhlophe kanye nelimnyama.Lesi sihlahla sihlonishwa kakhulu yilezi zibongo ezimbili kangangokuthi iNqayi elimhlophe aMantungwa alibiza ngokuthi linguMntungwa,iNqayi elimnyama aBaThiyane balibiza ngokuthi linguMthiyane.Abantu balezi zibongo baye bathake iNqayi endukwini yokuqaqa izinto,insizwa noma intombi yakwaMntungwa ithaka iNqayi elimhlophe,eyakwaMthiyane yona ithake elimnyama.Asidlule-ke lapho.Ake sibheke izibongo eziphuma kuMntungwa ka Mbulazi.
EsakwaMabaso
EsakwaMabaso siphuma egameni likaMabaso kaMntungwa owayengumnewabo kaKhumalo.Esibongweni sakwaMabaso kubuye kuphume izibongo ezifana nesakwaKhulu,esakwaJeza,esakwaChauke,esakwaNziane kanye nezinye.EsakwaChauke siphuma kwaMabaso impela ize bekhona abaphikayo.UMsakazi woMunganalonene FM uGoodwill Nziane uzibiza ngoMzilikazi ka Mashobana.AbakwaNziane abayingxenye yabakwaChauke.UGoodwill Nziane uzibizelani pho ngoMzilikazi ka Mashobana uma engeyena owakhona?
EsakwaKhumalo
Isibongo sakwaKhumalo sivela egameni likaKhumalo indodana kaMntungwa ka Mbulazi.UKhumalo wazala uMkhatshwa,uLanga,uYengwayo kanye nabanye.UMkhatshwa nguyena owabe eyinkosana.Esibongweni sakwaKhumalo kubuye kuphume nezibongo eziningi esingabala esakwaNkosi(Ndlangamandla),Nyandeni,Nkomo,Ngubeni,Mahlambi,Mlotshwa,Machobane,Moselekatse kanye nezinye.
EsakwaMlotshwa
Isibongo sakwaMlotshwa sihlukene kaningi nina beSilo,kukhona uMlotshwa wakwaMncube othakazela ngoKhambule,kukhona uMlotshwa othakazela ngoNtumbeza njalo njalo.UMlotshwa wakwaKhumalo uthakazela ngoMzingeli,Mahlambi,Gasolo njalo njalo.Lo Mlotshwa uyingxenye yaMaNtungwa akwaMahlambi.
EsakwaNyandeni
EsakwaNyandeni siphuma kuNgonyama ka Mashobana,kwesekwaNyandeni kubuye kuphume naMantungwa akwaQoma.
EsakwaNgubeni nesakwaNkomo
Abantu bakwaNkomo kanye nabakwaNgubeni bangaMantungwa akwaKhumalo,baphuma kuYengwayo.Kubantu bakwaNkomo kubuye kuphume nabakwaNtshona,abakwaMdleleni,abakwaKuta,abakwaNsaluba kanye nezinye.
EsakwaNkosi-Ndlangamandla
Zimbili izibongo zakwaNkosi,kukhona uNkosi wakwaDlamini,waMalangeni kaSamketi,bese khona khona uNkosi wakithi othakazela ngoSiwela,Mntungwa,Mlotshwa,njalo njalo.Lo Nkosi uphuma kuSiwela ka Gasa owabe enguMnawa woDonda noMagugu.Sikhona nesibongo sakwaNdlangamandla eSwazini esiyingxenye yabantu bakaSiwela ka Gasa.
IMidletye ka Langa
Uma kukhulunywa ngeMidletye kusuke kukhulunywa ngaMaNtungwa esiwathola endaweni yaseMdletyeni eTsomo.UMdletshe lona okwaqanjwa ngaye isizwe wabe eyindodana ka Langa,akuyena owakwaMthethwa owazala abantu bakwaMdletshe oMsindazwe.Izibongo eziyiMidletye singabala esakwaPhukwana,Tshangana,Mgoqi,Manzana,Tshumsila\Tshimsila,Tshingalane,Sobuza,Ndlovu(hhayi uGatsheni),Ngwane(hhayi uHlongwane),Phethoka,Phenduka,Cosa,Dlungwane,kanye nezinye.KunoBukhosi bakithi laphana eTsomo,kubusa inkosi yakwaPhukwana eTsomo,bese ngaphesheya komfula iTsojana kubuse inkosi yakwaTshangana
EsakwaGudazi
EsakwaGudazi siphuma kuGudazi wakwaKhumalo owagcina esengisinye sezikhulu zakwaNgcobo eThekwini.
AbakwaMashata
AbakwaMashata baphuma kwaKhumalo,sibathola kwaBhaca endaweni eyayaziwa ngokuthi kuseMounnt Frere
EsakwaMachobane
Abantu bakwaMachobane bangaMantungwa akwaKhumalo,sibathola eVaal kwehle njalo kuze kuyoshaya koFreestate.Ziningi izibongo eziphuma kuMntungwa nina beSilo kungashona ilanga