
Wonderboom Mall.
Kithi eNkungwini.
Ngonyaka ka 1827 inkosi yakithi uMzilikazi ka Mashobana yakha umuzi wayo waseNkungwini endaweni eyaziwa manje ngokuthi kuseWonderboom buqamama neRosslyn eduze nje nomfula iMpebane.Emanxiweni akithi sekwakhiwa iMall iWonderboom Juction.Indawo yaseWonderboom yaqanjwa ngezintaba eziseduze iWonderboom Mountains.Liyavela igama lomuzi wakithi eNkungwini ezibongweni zikaMawela uma kuthiwa “INgobamadlangala eNkungwini eNkangala,uMehlokawaboni ngawawoMashongwe”.UMawela waze wasuka kulo muzi ngo1837 kulandela ukwehlulwa kwakhe yiMpi yamaBhunu ka Hendrick Potigitier .
Khumu!