Umlando ngo Andries Hendrik Potgieter

Andries Hendrik Potgieter.

Umlando ngo Andries Hendrik Potgieter

Nina beSilo lona osesithombeni ngu Andries Hendrik Potgieter ibhunu elamisa kabi kakhulu uMawela wakithi eNdinaneni.AbaThwakazi babelibiza ngokuthi linguPoti.Kusuke kushiwo lona ezibongweni zikaMawela uma kuthiwa “wamudla uPoti kuMaQadase”.AmaQadase kushiwo amaBhunu.KungaMampunge ukuthi uMawela wafulathela izwe laseNtilasifali ngenxa yenkosi yabantu abansundu.Ngenkathi uMawela(inkosi uMzilikazi) esuka kwaZulu wakanisa ngaseNtilisafali.Izwe lakhe lalisuka eMosega lihambe njalo lize lifika lapho sekuyisifundazwe saseGauteng khona,livinjwe umfula iGwaa(Vaal River),ngaphesheya kweGwaa kwagcina sekukanise amaBhunu ayeholwa nguPoti.Kanti futhi uMawela wathi uma efika eNtilasifali wamiswa kabi ngamaKorana kanye namaGqiqua ayentshontsha izinkomo futhi enezibhamu.Kwahamba kwahamba bamisana kabi oMawela noPoti.Kangangokuthi langa limbe impi kaMawela eyayiholwa nguMkhaliphi Khumalo yahlasela amaBhunu kaPoti yadla izinkomo,yathumba nezingane zamaBhunu ezintathu.Kwakuwunyaka ka 1836 ngoMfumfu ngenkathi kwenzeka lokho.AmaBhunu afunga agomela athi azoshumpula uMawela ikhanda uma engabuyisi izingane zawo.Zaqhubeka izimpi phakathi kukaMawela namaBhunu kwaze kwaba yimpi yaseGabeni eyalwa ngo1837 kuLwezi.Yehlulwa impi ka Mawela,okwalandela lapho kwaba wukuthi uMawela awele iNgulukudela(Limpopo River)ayokanisa lapho sekuseZimbabwe khona namuhla.Ngo1845 uPoti wazama ukuhlasela uMawela esekwaMthwakazi kodwa impi kaPoti yahlehliswa yaphindela emuva ingaphethe lutho.Kwathi ngowe 1852 kwaqala izingxoxo zokukhumelana umlotha phakathi kwamaBhunu noMawela.Lezo ngxoxo zagcina ziphethwe ngo1853 lapho kwasayinwa khona i-Treaty phakathi kukaMawela noAndries Wilhelmus Jacobus Pretorius ngioba uPoti wayeshonile eshona ngo1852.UPretorious nguyena owabe enguMkhuzi wempi yamaBhunu eNcome ngenkathi elwa noZulu ngaphansi kobuholi beSilo uDingane ngo1838.

Khumu! 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo