Umlando ngeNdlovukati uNandzi Khumalo yakitsi eMbhuleni

eMgubheni i-Mmemo Cultural Celebration

Umlando ngeNdlovukati uNandzi Khumalo

Lishonile boNgwane labahle ,ake siphose itshe eSivivaneni ngeNdlovukati yakithi eMbhuleni iNdlovukati uNandzi Khumalo.Umuzi waseMbhuleni wabe ungoweNgwenyama uMswati wesibili,wawakhe buqamama negquma iDlomodlomo kwaManzana,endaweni eyayaziwa ngokuthi kuse Badplaas ngaphambilini.UKhwini Nandzi wayezalwa nguMagadlela Khumalo ,ezalelwe endaweni eyaziwa ngokuthi kuseMkhondo namuhla,eyayaziwa ngePiet Ritief ngaphambilini.INdlu kaZikode uyise kaMashobana yiyona  egcwele kuleya ndawo.Le Ndlu yakwaKhumalo yayinobukhosi endaweni esibizwa ngokuthi kuseMkhondo namuhla.UKhwini Nandzi wagana iNgwenyama uMswati wesibili njengeNhlanti weNdlovukati uSisile ka Mgangeni Khumalo iNdlovukati yakithi eNkanini nawo okuwumuzi weNgwenyama uMswati wesibili owawakhe.UKhwini Nandzi wazala aBantwana bamantombazane oFile kanye noLozindaba.UKhwini Nandzi kuhlawumbiselwa ukuthi wayezalwe ngowe 1827,wakhothama ngo1922.Ngaleso sikhathi wayesedume kakakhulu ngelikaGogo LaMagadlela.Kwathi ngenkathi sekukhothame iNgwenyama uMswati wesibili iNdlovukati uNandzi yayalela ukuba kulandwe uMshana wayo kwaKhumalo eMkhondo,azogana uMntanenkosi uNtjentje umnawakhe weNgwenyama uMswati wesibili.Lowo Mshana owalandwa kwakunguBikwaphi indodakazi kaNdebe Khumalo,uNdebe lona wayengumnewabo kaGogo LaMagadlela.UNdlunkulu uBikwaphi wazalela uMntanenkosi uKufa indodana ogama layo kwakunguSunduza.Nguyena uSunduza owakulindeleke ukuba uzoba wuNdunankulu waseMbhuleni kodwa ngeshwa yena noyise uKufa bakhothama kulandela ukudunguzela okwakungacaci.Kuthiwa bakhothama ngowe 1918.Okwalandela lapho kwaba wukuthi uNdlunkulu uBikwaphi angenwe uMntanenkosi uMgwevu indodana kaKufa.UMaKhumalo esendeni likaMgwevu wazala uMntanenkosi uMaquba,uMntanenkosi uMazingela kanye noMntanenkosi uMakinobho Amosa Dlamini.UGogo uLaMagadlela wagcina ekhotheme ngowe 1922.UNdlunkulu uBikwaphi nguyena owabheka isigodlo sakithi eMbhuleni kusukela ngo1922 kwaze kwaba wunyaka ka1931 lapho wanika izintambo indodana yakhe uMaquba eyaba wuNdunkulu wakithi eMbhuleni.Empeleni isigodlo sakithi eMbhuleni sisekhona namanje.Njalo minyaka yonke kuye kugujwe umgubho obizwa ngokuthi uMmemo Cultural Celebration.

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo