Isiqephu sesibili sokuchazwa kwezibongo zenkosi uMzilikazi ka Mashobana

iBhodi elikhomba iNtabazinduna,okuyiNtaba okwabulawelwa kuyo izinduna.

Isiqephu sesibili sokuchazwa kwezibongo zenkosi uMzilikazi ka Mashobana

Mantungwa amahle ake sibheke izibongo zenkosi uMzilikazi ka Mashobana ezithinta isigameko saseNtabazinduna lapho inkosi yabulala khona izinduna zayo okubalwa kuzo noNdunankulu uGundanekumitha Ndiweni.Isizathu sokubulawa kwalezi zinduna kwaba wukuthi zazibeke uMntanenkosi uNkulumana ka Mzilikazi inkosi yona isaphila.Lokho kwenzeka ngoba inkosi yayisadukile,ingaziwa ukuthi yayikuphi,noma yayisaphila na?Lezi zibongo zithi “UBuvamba benziwe nguGundanekumitha kwabakwaMashobana,benziwa nguNtshumane kwabakwaKhanyi,benziwa nguDambisamahubo ka Mafu,benziwa nguSomabhulane ka Dlodlo,benziwa nguMhabahaba ka Nkwali,basikaza iWundlu(uNkulumana)ngoPhaphe lweNdlondlo,iNdlondlo isabhula amaphiko.Intuthwane zamba amagodi amabaleni.Injumbane yadla uselwa lweNxwala,yabhansela ngabasondezeli kwaNtabazinduna”.

 

Lalela iVideo ezansi ukuze uchazeleke kahle.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo