
Inkosi uMakhosonke yesibili esanda kukhothma.
Umlando ngesibongo sakwaMabhena
Abantu abakwaMabhena nabo banaye uKhokho wabo ogama lakhe linguMntungwa njengabo nje abantu baseMantungweni.Lo Mntungwa wakwaMabhena akaxhumene noMntungwa waseMantungweni.OwaseMantungweni uzalwa nguMbulazi,kanti owakwaMabhena yena uzalwa nguMkhalangana.Abantu bakwaMabhena banobukhosi obukhulu esifundazweni saseMpumalanga,lobu bukhosi baziwa ngokuthi buwubukhosi baseManaleni okungelinye igama lesizwe sakwaMabhena,kuthiwa bangabakwaManala kususelwa egameni likaKhokho wabo.UMntungwa ka Mkhalangana waseManaleni wazala uJonono owazala uNanasi owazala uMafana.UMafana wazala uMhlanga owazala uMmusi.UMmusi yena wazala uManala owazala uNsele.Amanye amadodana enkosi uMmusi kwakungoNdzundza owazala aMaNdzundza, abanye kwakungoMthombeni owazala abakwaKekana,inkosi uMmusi yabuye yazala uSikhosana,uSibasa,uMhwaduba kanye nabanye.UManala ka Mmusi wazala uNsele owazala uMagutshana owazala uNcagu.UNcagu wazala uMbuyambe owazala uMabhena owaqanjwa ngaye isibongo.Esithombeni yinkosi uMakhosonke II esanda kukhothama.
Khumu!