
Noju High School
UNoju wakwaKhumalo
Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela!UDunjwa yedwa limkhandanisile!ISilo uShaka,iSilo sakithi kwaBulawayo.Ake sibheke iqhaza lensizwa yakwaSokhumalo,uNoju owabe eyiNhloli yamakhosi amaNguni.UNoju kuthiwa wayakhe kwaNongoa.Ngokwencwadi ka Baba uMoses Ngcobo esihloko sithi “Qhude Manikiniki”uthi uNoju wayebuye aziwe kakhulu ngelikaNoluju.Ababhali bezincwadi abalivezi igama likaBaba wakhe,bavele babhale ukuthi “uNoju wakwaSokhumalo,noma Noju of Kumalo Clan.Le nsizwa yakwaSokhumalo kuthiwa yayihlakaniphile kakhulu.Yaqala umsebenzi wayo wobuNhloli enkosini uMashobana ka Zikode Khumalo,iyiNhloli yayo inkosi uMashobana.Kwahamba kwahamba yathathwa yinkosi uZwide ka Langa Ndwandwe yayoba yiNhloli yakwaNdwandwe.Laphana kwaNdwandwe kuthiwa uNoju wayefuna kakhulu isikhundla sikaNdunankulu wakhona okuyisikhundla esasiphethwe uSoshongane ka Zikode wakwaNxumalo.UNoju wayeke aphume neMpi yakwaNdwandwe uma yayiyokulwa afike ahlabane kakhulu.Kuthiwa uNoju wathi uma ebona ukuthi uyehluleka ukuthola isikhundla sokuba uNdunankulu wakwaNdwandwe wazisondeza kakhulu eSilweni uShaka,wagcina eseyiMpimpi (Informer) yeSilo uShaka ethutha zonke izindaba zakwaNdwandwe eziyisa kwaZulu.Kunomehluko phakathi kweNhloli neMpimpi.INhloli isuke ihlola izwe lenkosi ibheka okungahle kuphazamise ubukhosi baleyo nkosi.INhloli yayibuye iphume nasezweni laleyo nkosi iyohlola isimo ezindaweni zamanye amakhosi isihlolela inkosi yayo.INhloli ibizwa ngokuthi yi-Spy ngesiLungu.IMpimpi yona ibizwa ngokuthi yi-Informer ngesiLungu.Umsebenzi weMpimpi wukuthatha izindaba enkosini yayo izithuthele esitheni zinjengoba zinjalo.UNoju-ke wagcina eseyiMpimpi yeSilo uShaka.Wayethutha izindaba kwaNdwandwe ayozibikela iSilo uShaka.Nguyena owethula inkosi uMzilikazi eSilweni uShaka ngenkathi izokhonza kwaZulu ngenkathi ibulawelwe oyise oMashobana noDonda bebulawe yinkosi uZwide.Kwathi lapho sekulwa iSilo uShaka nenkosi uZwide uNoju wayibamba ngasohlangothini lweSilo uShaka,okuwuhlangothi olwadla umhlanganiso.Ababhali bezincwadi abasho lutho ngokushona kukaNoju\Noluju.Omunye umuntu waseMaNtungweni owaba yiNhloli yamakhosi akwaZulu uNongila Mabaso owabe eyiNhloli kusukela enkosini uSenzangakhona,iSilo uShaka,iSilo uMpande kanye neSilo uCetshwayo.Ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane uNongila wabaleka kwaZulu waya kwelikaZanzolo(Eastern Cape) ebalekela iSilo uDingane esasiphume umkhankaso wokubulala wonke umuntu owayesondelene kakhulu neSilo uShaka.Esithombeni yiSikole iNoju High School esikwaNongoma,esaqanjwa ngaye uNoju wakwaSokhumalo.
Khumu!