Abantu bakwaNkosi (Ndlangamandla) bangabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni . Babuye babe ngabaNtungwa ngokobuzwe ngoba bephuma kubantu bakwaKhumalonabo abangabaNtungwa ngokobuzwe . Zimbili izibongo zakwaNkosi , kukhona isibongo sakwaNkosi Ndlangamandla bese kuba khona esakwaNkosi Dlamini . Laba bantu bakwaNkosi Ndlangamandla bahlobene impela nabakwaKhumalo kangangokuthi akumele baganiselane . Ukhokho wabo bonke abeNtungwa nguMntungwa kaMbulazi , nguyena owazala izibongo ezifana nesakwaMabaso , Khumalo , Ntshembeni nezinye . Ngesikathi sokubusa kweSilo uShaka abantu bakwaNkosi babaziwa ngokuthi bangabakwaSokhumalo , sasingakabikho isibongo sakwaNkosi . Isibongo sakwaNkosi saqambeka ngesikhathi sikaNdlovu kaMphazima kaMlotsha kaSiwela kaGasa ka Zikode kaMkhatshwa kaKhumalo kaMntungwa kaMbulazi
Umuntu okunguyena oyinzalabantu yabakwaNkosi nguSiwela indodana kaGasa kaZikode . UGasa wayengumnewabo woMashobana(uyise kaMzilikazi) noMagawozi (uyise kaBheje) . Ngakho-ke uMashobana owazala uMzilikazi wayenguyise omncane kaSiwela ongukhokho wabakwaNkosi . Ekusukeni kwabo enhla nezwe abantu bakwaKhumalo bafika bakha ngasezintabeni zaseBabanango kuhambe njalo kuze kuyofika koNondweni . Ngaleso sikhathi babebuswa nguMagugu kaGasa umnewabo kaSiwela . Kwahamba kwahamba kwaqubuka ingxabano phakathi esizweni , leyo ngxabano yabaholela ekutheni uSiwela ekanye noMashobana noBheje kaMagawozi bamshiye uMagugu bayokwakha ngaphesheya komfula iSikhwebezi . Kulolo fuduko uSiwela kabange esafika , kodwa yindodana yakhe uMlotsha eyafika . UMlotsha wafika wakha umuzi wakhe eduze negquma aMaphondwana . Lowo muzi wawubiza ngokuthi kusoLuthulini . UMlotsha wayedume ngezintelezi ebuye abe yinyanga enkulu yezulu . UMlotsha wayedume ngezihasho zakhe ezithi ”Uyingqungqulu yakwaSokhumalo”
Kwathi ngesikhathi kuxabene uMzilikazi noShaka uMlotsha waphatheka kabi ,wabazonda abantu bakwaZulu . Kwathi ngonyaka ka 1828 ezweni lakhe kwedlula amabutho eLembe ephikelele empini yaseZindololwaneni ukuyolwa noSikhunyana kaZwide . Kuthiwa uMlotsha wawaxhaphaza kakhulu ngezintelezi zakhe ezawaguqula zawenza izibhabhayiyana .Waze wawadedela ngoba esethanda futhi wakhombisa enkulu indelelo . Konke lokho wayekwenza ngoba ebuyisa izinduku ngoMzilikazi. Amabutho eLembe afika alibikela iLembe ngesenzo sikaMlotsha lathukela kakhulu .Kuthiwa lakhipha umlayezo owawuthi kuyobikelwa uMlotsha ‘Ithe inkosi sizokutshela ukuthi yona ingumpetha wokuphaka impi , futhi iphaka impi enganqotshwa ‘.Kuthiwa naye watshela zona lezo zithunywa ukuthi aziyotshela inkosi yazo ukuthi ‘Uthe uMlotsha njengoba naye ekwazi ukunisa izulu , uyakwazi futhi nokulenza lingani , alivale ”.Nempela zaphindela kwaDukuza zayokwethula umlayezo kaMlotsha enkosini uShaka . Yafunda kwezayo nayo yazibonela ukuthi umfoka Khumalo wethembe zona izintelezi zakhe ngakho-ke ayibange isimhlamsela . Yaze yakhothama ngonyaka we 1828 ingazange imhlasele .
Umthombo walokhu okubhalwe ngenhla(source) yincwadi kaAT Bryant ethi Olden Times in Zululand”.
Impi yaseZindololwaneni ngonyaka ka 1828 nokunyaka iLembe elakhothama ngawo . Ngakho-ke iLembe lize lakhothma ngowe 1828 lingazange limhlasele uMlotsha . Kwathi ngesikhathi seSilo uMpande avuka amagqubu kokaNdaba ngoba nesiZulu siyasho sithi ‘umlando omdala ubanjwa inkume’ Wakhothama-ke uMlostha ebulawa yiSilo sakwaNodwengu iSilo uMpande naso esathumela amasotsha amaNgisi ngoba umkhonto womuntu wompisholo wawungasebenzi nhlobo kuMlotsha ,Indalifa kaMlotsha kwakunguNdlovu owayebuye aziwe ngelikaSodlaka . Umuzi wakhe wawubizwa ngokuthi kuseMandlovini .Nguyena okwaqambeka ngaye isibongo sakwaNkosi ngoba wayengavumeli noma ubani ukuba angene emzini wakhe ethi kukwaNkosi la!. Akungeni noma ubani ! Enye inxenye yabakwaNkosi nasiya kwelaseSwazini . Yona-ke isebenzisa uNdlangamandla njengesibongo ngesizathu sokuthi iSilo uMswazi wesibili sayinqabela ukuba isebenzise uNkosi ngoba uNkosi eSwazini eyisibongo saseNdlunkulu yakhona .
Kwenye indlu uMlotsha wazala uLanga owazala uMphazima wesibili owazala uNldlela owazala uMawandla . UMawandla wazala uMakhwela owazala uMlotsha wesibili . UMlostha wesibili wazala uNdinane owazala uMqikelela ongukhokho wenkosi uNkanyamba ebusa eNgoje
Izithakazelo zakwa-Nkosi
Ndlangamandla,
Mphazima, Mntungwa,
Mawandla kaNdlela,
Nina baseMandlovini,
Mlotshwa, Siwela,
Mphazima kaLanga,
Nina bakwaLanga libomvu, elashis’amabel’ezikhuthali,
Mabuya sezembethe’ugogwane,
Mlotshw’akangakanani, ngoba nasentendeni yesandl’uyahlala,
Wena owaphath’induk’emnyama washay’amanzi, kwavel’udaka,
Nkonjane yenkosi,
Mpangazitha!
ESIKWAZIYO thina ngokukuncela ukuthi igatsha laMaNtungwa eliwoNKOSI Ndlangamandla laphuma NOLANGALIBOMVU lingabantusi lisuke selintuse imisebe yakwethu yakokaMaDlomo, emuva kwengxabano abanayo nomfowabo uMashobane! Wathi esefulathele engaphesheya komfula uMashobane wamkhapheza ngamagama anezinhlamvu, ‘… …hamba vele usuyinkosi edla ngamandla’/’… …nobukhosi bakho (bami) lobo obudla ngamandla’! ILEMBE lalingakahlali esihlalweni sobukhosi kwaZulu! Inzalo kaLangalibomvu esingayibalula uMgidla noMphazima!
MHLAWUMBE esingakuphawula NGOMLANDO ongenhla ukuthi:
1. Unenhlese yokuqhatha noma yokwenzelela ngoba ugqamisa inzalo ezinze eNgoje! Awusho lutho ngenzalo namaqhawe ahlabana nabamba elikhulu IQHAZA ekudwetshweni kwebalazwe koPhongolo namaphethelo, azinze ePhondwane naseManyandeni! LAPHA sisho ONTONGA, OMAKHWELA, OMAGWEGWANA, njalonjalo!
2. Awusho lutho ngomlando wokwehlukana kwale minxa; wasePhondwane, eManyandeni naseNgoje!
3. Uyadida ngoba uqala ngokubalula ukuthi oNkosi Ndlangamandla nabo bangaMaNtungwa njengesizwe sakwaKhumalo, ubuye futhi uthi bawuzalo lukaKhumalo!?!?
Sizoma la okwamanje!