Ibutho likaMawela leZimpangele

IMpangele.

Ibutho likaMawela leZimpangele

Kwathi lapho uMawela wakithi eNdinaneni esebulale inkosi yaManala inkosi uSibindi kanye nenkosi yamaNdzundza inkosi uMagodongo uMawela wabutha izinsizwa zaManala kanye nezamaNdzundza wazibuthela ebuthweni alibiza ngokuthi yiButho leZimpangele.Ngenkathi isizwe sifudukela lapho sekuseZimbabwe khona iZimpangele zazikanye nengxenye eyayiholwa nguNdunankulu uGundanekumitha.Kwathi ngenkathi kusaduke uMawela kwathunywa iZimpangele neNduna yazo uMvaleleni Mahlangu ukuba ziyocinga uMawela nethimba ayenalo.IZimpangele zaphuma inqina kaMabuyaze,zafika zethula umbiko owawuthi ayemancane kakhulu amathuba okuthi uMawela wayesaphila.Kwathi ngesikhathi sekuqulwa amacala eziNduna ezabandakanyeka ekubekeni uMntanenkosi uNkulumana iZimpangele zaphuma ngesinyelele zabaleka zaphindela eNdubazi lapho zazibuthwe khona ngoba umbiko wawusukhishiwe owawuthi zazizophanjaniswa neMvula zonke.INduna uMvaleleni yabaleka yashiya indodana yayo uSivalo eyayisencane.USivalo kwaqanjwa ngaye indawo yakwaSivalo.Wayebuye abe yiNduna kwaBulawayo esigodlweni senkosi uLobhengula.Nguyena owathunywa yinkosi uLobhengula ukuba ayothungela uBulawayo ngomlilo ngenkathi impi yakithi seyehlulwe yimpi yamaNgisi kaCecil John Rhodes ngo1893.

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo