Umlando ngoHlangabeza ka Mzilikazi

 

UHlangabeza ka Mzilikazi

MaNtungwa amahle nina abakaMzilikazi ka Mashobana owazihlaba zema ngomgobo kwaGqokli!USinhlanhlatha ekhafula lo  onjengeMbabalala.Nina beSilo ake sibheke umlando ngendodana yenkosi uMzilikazi uHlangabeza.UHlangabeza wayezalwa uNdlunkulu uLomawaka Nxumalo owayebuye abe unina kaNkulumana noZinkabi(intombi).UZinkabi wagana uMbiko ka Madlenya wakwaMasuku.UHlangabeza kwaqanjwa ngaye iskole samabanga aphezulu iHlangabeza High School esisendaweni yaseNkayi,eZimbabwe.Unina kaHlangabeza uMaNxumalo wabulawa ngomyalelo wenkosi uMzilikazi ngenkathi kubulawa izinduna eNtabazinduna,Lezo zinduna zabulawelwa ukuthi zazibeke inkosana uNkulumana njengenkosi ,inkosi yona isaphila.UNkulumana wayebekwe uNdunankulu uGundanekumitha ngenkathi inkosi kungaziwa ukuthi yayikuphi,yayisadukile.Kwakungesikhathi isizwe senkosi uMzilikazi sisuke eMosega eNorth West siya kwaMthwakazi.UHlangabeza washona ebulawa inkosi uLobhengula.Kuthiwa uHlangabeza wayefana ncamashi nenkosi uMzilikazi,futhi enogazi.Kuthiwa wayethi uma efika eMhlahlandlela izinduna zikhuze uBayethe.Akakuthandanga-ke lokho uMakhobolondo,wabona kukuhle ukuthi ambulale ngoba wayesaba nokuthi uHlangabezia wayengagcina edle isihlalo sakhe sobukhosi.Uzalo lukaHlangabeza lukhona kwaMthwakazi.UHlangabeza washona washiya inkosana wakhe uMavondo kanye namanye amadodana.

 

Khumu!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo