Umlando ngomuzi waseKuphumuleni
Umuzi waseKuphumuleni wabe ungumuzi weSilo sikaMthwakazi esawakha ngonyaka ka 1825 , amanxiwa alo muzi asendaweni yase-Ermelo lapho sekwakhiwa khona i-Lokishi i-Phumula elaqanjwa ngawo umuzi waseKuphumuleni . Buqamama nje namanxiwa omuzi waseKuphumuleni kukhona isazalo somfula uBhalule , uBhalule-ke luvela kakhulu ezibongweni zeNkosi u-Mzilikazi . Okumangazayo ngoBhalule wukuthi luyenyuka luya ngasenyatho , aluyi ezansi njengayo yonke eminye imifula , luyakhuphuka lubheka koMuzumbikwe luze luyo chithela oLwandle lwakhona. NgesiLungu uBhalule kuthiwa yi-Oliphant River nokuyigama loMfula owaliqanjwa ngamaBhunu ngenxa yokwanda kwezindlovu kuloya mfula ngaleso sikhathi . EKuphumuleni kuyilapho iNkosi yazalela khona aBaNtwana oZinkabi noNkulumana , kuyilapho futhi yagcagcelwa khona uNdlunkulu wayo u-Lomawaka Nxumalo uNina waBaNtwana oNkulumana .Kuhambe kwahamba yagcina ifudukile iNkosi kuleya ndawo , yasingisa amabombo ngaseMosega kwelaBaTswana lapho yafike yakha khona iZigodlo zayo esingabala kuzo uMkhwahla, iGaba , uMncwazi nezinye . INduna yaseMkhwahla kwakunguMkhaliphi Khumalo , eyaseGabeni kwakunguMaqhekeni Sithole , kanti eyaseMcwazi kwakunguMtotobi Mabaso .
Liyavela-ke igama lomuzi waseKuphumuleni ezibongweni zikaMawela uma kuthiwa
‘UKhali zabeNtungwa zacwalwa zakhwezwa ethala kithi eKuphumuleni , kunini zimoklamokla amakhanda amadoda’
Kanti elomfula uBhalule lona livela kaningana , livela uma kuthwa
‘Waluphuza walukhaphuza uBhalule’
‘Wayiphuza wayigojela iNgulukudela’
INgulukudela kushiwo uMfula iLimpompo
Libuye livele uma kuthiwa
‘INzalabantu yakithi eNtumbane ,
‘INzalabantu yakithi elibele lide
‘Elithe lincelisa abanganeno
‘Lalincelisa nabaphesheya kwemifula
‘Lithe lincelisa abanganeno koNdi noKhahlamba
‘Lalincelisa abaphesheya kweGwa neSangqu
‘Laye lancelisa nabaphesheya koBhalule’
#Ulibinda Nkosi!
IGwa kushiwo umfula i-Vaal River , ngesiSuthu kuthiwa lomfula ubizwa ngokuthi uLekwa . ISangqu kushiwo umfula i-Orange River
#Khumu!