
Sakumzi Justice Macozoma.
Umlando ngabantu bakwaMacozoma
Abantu bakwaMacozoma esibathola esifundazweni saseMpumalanga Koloni basengabantu bakwaKhumalo.Ukhokho wabo nguMdletshe ka Langa wakwaKhumalo.UMdletshe lona ubuye abe nguKhokho wabantu abakwaPhukwana kanye nabakwaTshangana abanobukhosi endaweni yaseMdletyeni eTsomo esifundazweni saseMpulanga Koloni.Indawo yaseMdletyeni yaqanjwa ngaye uMdletshe kaLanga wakwaKhumalo.Esendeni lakhe kubuye kuphume nabantu bakwaSjemlana,abakwaPhenduka,abakwaPhethoka,abakwaTjemlana,abakwaMgoqi,abakwaSobuza,abakwaNdlovu ongeyena uGatsheni,abakwaNgwane ongeyena uMatiwane kanye nabanye.UMdletshe wakwaKhumalo akaxhumene noMdletshe wakwaMthethwa owazala abantu bakwaMdletshe oMsindazwe.Lona osesithombeni nguBaba uSakumzi Justice Macozoma owabe enguSopolitiki owalwela inkululeko,namuhla unguSomabhizinisi ovelele kakhulu lapha kweleNgabade.
Khumu!