
uMlingisi uNunu Nqobile Khumalo.
Umlando ngeNdlovukazi yaseNkanini uSisile Khumalo
USisile wayeyindodakazi kaMgangeni Khumalo, wagana iNgwenyama uMswazi wesibili kaSobhuza.Babebabili oMaKhumalo abagana iNgwenyama uMswazi wesibili, omunye kwakunguLaMagadlela iNdlovukazi uNandi kaMagadlela Khumalo.Uyise kaNdlunkului uNandi (uNandzi) wayakhe eduze negquma iDlomodlomo kwaManzana lapho sekuseMpumalanga khona. UMagadlela wazala abakwaMagadlela.Enye indlu yakwaKhumalo etholakala eSwazini ekaMthayiza kaMyakayaka Khumalo.Le ndlu inobukhosi endaweni yaseMalelane ngaphansi kwenkosi uMthayiza wesibili.INdlovukazi uSisile yazala uLudonga wesibili nokunguyena okwakufanele athathe ubukhosi ngemuva kokukhothama kukaYise uMswazi wesibiili.Kodwa ngeshwa uMntwana uLudonga wakhothama uyise uMswazi esabusa futhi engayishiyanga inkosana . Ukukhothama koMntwana uLudonga kwamthukuthelisa kakhulu uLaMgangeni( iNdlovukazi uSisile) ngoba wayesola ukuthi indodana yakhe yayife ngokuthakathwa umfowabo uMbandzeni kaMswazi wesibili nokunguyena owagcina ethathe ubukhosi bakwaNgwane ngemuva kukaYise uMswazi wesibili.Wathula kodwa uLaMgangeni wangasho lutho , wafela ngaphakathi.Kwahamba kwahamba uMbandzeni owayesebusa wangena uMka Ludonga ,kwazalwa ingane yomfana eyethiwa igama kwathiwa uNdabuko.Yakhula le ngane yathi uma ifika ezingeni lokuthomba uLaMgangeni wayithamda kakhulu kangangokuthi waze wafisa nokuthi igudluze iNgwenyama uMbandzeni ,kubuse yona. Kusobala ukuthi uLaMgangeni wayesabambe igqubu lokufa kwendodana yakhe uLudvonga.UNdwandwe indodana kaSobhuza wagcina naye engenile kulezo zihlelo zokuketula uMbandzeni , wagcisha noLaMgangeni . UMbandzeni wayekaze enambitheke kahle kuNdwandwe kusukela eqala ukuthatha ubukhosi. Ngakho-ke kwaba lula kakhulu kuNdwandwe ukuba azimbandakanye ozungwini lokuketula uMbandzeni.UNdwandwe wayezalwa indodakazi yenkosi uZwide kaLanga uFikile Ndwandwe . Waqanjwa ngegama laseKhakonina. UFikile wayegane iSilo uSobhuza njengeMpelesi kaThandile Ndwandwe naye owayeyindodakazi yenkosi uZwide.Uyena -ke uThandile owazala iNgwenyama uMswazi wesibili. Ngakho-ke uNdwandwe wabe enguYise omncane weNgwenyama uMbandzeni.Balwakha -ke uzungu lokuketula uMbandzeni kodwa ngeshwa washeshe wathola uMbandzeni . Waphaka impi eyaphikela emuzini kayise omncane uNdwandwe yafika khona yabulala uNdwandwe noMntwana uNdabuko . ULaMgangeni wathi ezwa ngokubulawa kukaNdwandwe noNdabuko wazama ukubaleka kodwa ngeshwa impi kaMbandzeni yamfica endleleni,yambulala.Akagcinanga lapho uMbandzeni, waqhubeka wahlasela bonke abakwaKhumalo abazinze kwaNgwane.Wahlasela umuzi kaNgome kaMgangeni owabe engumnewabo weNdlovukazi uSisile, wawuthungela ngomlilo wagqongqa. UNgome yena wabaleka wabheka lapho sekuseMalahleni khona.UMbandzeni waqhubeka wahlasela noMthayiza kaMyakayaka .UMthayiza yena wayenempi eyayihlelekile ,ngakho -ke uMbandzeni wehluleka ukumunqoba .
Khumu!